IBafana Bafana yamukelwe ngemfudumalo ngesikhathi itheleka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International ngoLwesithathu.
Leli qembu lihlangatshezwe ngabalandeli abebejabulela ukuzimisela kwalo njengoba libuye nendondo yethusi kwi-Afcon.
Ukweseka impumelelo yeqembu, iGautrain ibizothatha abalandeli abagqoke imibala yeBafana mahhala noma abaphethe amafulegi aseNingizimu Afrika ibazulise.
Lesi senzo besihlose ukukhuthaza abalandeli ukuthi bahambele umcimbi wokwamukela kanye nenkulumo ebizothamelwa isithangami sabezindaba ukubonga ukuzimisela kweqembu eliphime endaweni yesithathu futhi laklonyeliswa nge-Afcon Fair Play Award.
UTshepo Kgobe oyi-CEO ye-Gautrain Management Agency, uchaze ngenjabulo yakhe nokuziqhenya kwesizwe ngeBafana, ekhuthaza ukubamba iqhaza komphakathi ekubuyeni kweqembu ekhaya.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, uZizi Kodwa uncome iqembu ngokuletha isasasa ebholeni ebonga indlela abadlale ngayo obekuyinto ebingalindelekile.
UMengameli weSafa uDanny Jordaan uncome ukaputeni uRonwen Williams ngokuzimisela waphinde wahlonishwa njengo nozinti ovelele kulo mqhudelwano eqenjini le-African Best XI.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe ngenhla: Ukubuyela ekhaya kweBafana Bafana.
Umthombo wesithombe: X