IBafana noBroos badinga ukusebenzisana kangcono

ISIKHATHI ESENGEZIWE: UMichael Madyira uthi nakuba iBafana Bafana ingenzi kahle kodwa izimpawu zokuthuthuka zikhona.

IBafana Bafana isize yazuza udumo ngokungenzi kahle ngaphansi komqeqeshi uHugo Broos.

Futhi uma sigxila ku-2023 kuphela, kuningi abakwenzile ukudida abalandeli.

NgoNdasa, uBroos ucishe wayishiya iBafana kulandela ukuphoxeka ngesikhathu ibambana ngo 2-2 ne-Liberia e-Orlando Stadium okwabambezela ukuhlungela ukuya kowamanqamu e-Africa Cup of Nations ka-2023.

Ngemuva kwalowo mdlalo, lo mqeqeshi wase-Belgium waziphendulela kwabezindaba ngesikhathi egxekwa ngabalandeli futhi wakhulisa nokuqagela kokuthi usezophuma emsebenzini ayewuthathe ngoNhlaba 2021.

Kodwa ngemuva kwezinsuku ezintathu, ubethathwa njengeqhawe lokubuyisela iNingizimu Afrika kowamanqamu we-Afcon kulandela ukunqoba ngo 2-1 e-Liberia.

Abalandeli babekezelele okuningi kodwa basithola isizathu sokuphinda bajabule ngemuva kokuthi iBafana ishaye i-Morocco kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba ka-2022 e-FNB Stadium ngoNhlangulana.

Kusenjalo, abalandeli beBafana basale bekhungathekile ngemuva kokubambana ngo 0-0 ne-Namibia kowobungani ngoMgqibelo.

Kodwa abalandeli abebewotha ubomvu bajabule ngoLwesibili ngesikhathi iNingizimu Afrika ihlula i-DR Congo ngo 1-0 komunye umdlalo wobungani e-Orlando Stadium.

Kube wumphumela okhuthazayo oqhamuke kuBafana ibhekene nabadlali abaningi base-Afrika abadlala e-Europe.

Nakuba bengadlalanga ngokukhulu ukuzimisela, indlela abafana bakaBroos abadlale ngayo inikeze ithemba lokuthi leli qembu lizobe liqhudelana ku-Afcon.

Lo mqeqeshi owake waba ngumqeqeshi we-Cameroon useneqembu eliwumgogodla futhi idlanzana labafana libonakala liqinisekisiwe amathikithi endiza okuya e-Ivory Coast.

Kuzo zonke izikhundla, izinto ziyahlangana kuBroos nabadlali abajwayelekile kwezokuvikela, maphakathi nenkundla naphambili lapho ebonakala ebhekene nenselelo khona.

Kodwa kunesidingo sokuthi kube nokuhleleka nokuzilungiselela okokugcina ngesikhathi semidlalo yobungani yangoMfumfu kanye nemidlalo yokuhlungela iNdebe Yomhlaba ye-Fifa ka-2026 yangoLwezi ukuze iBafana ibe izimbangi zokugcina ze-Afcon.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos

Umthombo wesithombe: Bafana Bafana

Izihloko zakamuva