IBafana nethemba lokuhlula iMorocco kowe-Afcon

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos ukholelwa ekutheni uma ezakhe zingenza konke okusemandleni ukuze zinqobe i-Morocco ngoLwesibili zizovula indlela ebheke kowamanqamu we-Africa Cup of Nations.

Umdlalo ozobe uphakathi kweBafana Bafana ne-Atlas Lions ungase ube ngowokugcina esigabeni somkhumulajezi kodwa uma kubhekwa uhlobo lwezimbangi zabo, ngokuqinisekile ukuwina kuzonika uBroos umfutho omkhulu.

I-Morocco ibe iqembu lokuqala kuleli zwekazi ukufinyelela kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba ye-Fifa ebise-Qatar nyakenye futhi akungabazeki ukuthi ingelinye lamaqembu asethubeni lokunqoba i-Afcon.

UBroos useke walibona iqembu lakhe libashaya phambilini kanti irekhodi elihle leBafana libhekene naleli qembu laseNyakatho Afrika ngokuqinisekile into engenza umqeqeshi ajabule kakhulu.

Emidlalweni eyisishiyagalombili phakathi kwala maqembu, iqembu lakuleli seliwine imidlalo emithathu ladlala ngokulingana kwemithathu lahlulwa kwemibili kuphela. Ukuwina kwakamuva le midlalo ibidlalelwa eGoli ekuqaleni kwalo nyaka.

“I-Morocco ikwelinye izinga. Bayikhombisile ifomu yabo kwiNdebe yoMhlaba edlule ebise-Qatar. Sebeyiqembu elihle kakhulu elinabadlali abadlala kahle kakhulu,” kusho uBroos etshela abezindaba ngaphambi komdlalo wangoLwesibili.

“Kodwa sesidlale nabo kabili — e-Morocco besingaphansi kwengcindezi kodwa eGoli sabahlula. Lokho kumele kusinike ukuzethemba emdlalweni wangoLwesibili futhi sikholelwe ekutheni noma sibhekene neqembu elihle njenge-Morocco kukhona okuhle okungenzeka.

“Kufanele sikholelwe kulokho. Uma sihlula i-Morocco siyazi ukuthi sinethuba elikhulu lokudlala kowamanqamu.”

La maqembu azobhekana e-Stade Laurent Pokou e-San Pedro ngoLwesibili ngo-10 ebusuku.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

Umthombo wesithombe: @BafanaBafana

Izihloko zakamuva