Menzi Magubane
URonwen Williams kulindeleke ukuthi abe ngunozinti uma iBafana Bafana isibhekene ne-Ghana emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoLwesine e-FNB Stadium, e-Soweto ngehora le-6 ntambama.
Ifomu yakamuva yeqembu likaWilliams, iSuperSport United imnika ithuba lokuqala umdlalo. Lo nozinti uthe, bazimisele ngokungenela kwi-Afcon ese-Cameroon ngonyaka ozayo.
Uphinde wathi bafuna ukuwunqoba lo mdlalo benzela abadlali abangekho ngenxa yemikhawulo yokuhamba ye-Covid-19.
“Sidumele. Silahlekelwe ngamanye amasosha ngenxa yezinselelo zokuhamba. Kodwa abadlali abazothatha izintambo bazodinga ukusukuma bavale igebe,” esho.
Uthe, amalungiselelo abo aqala kudala ngesikhathi ithimba lobuchwepheshe libathumelela imininingwane mayelana namaqembu abazobhekana nawo.
“Sesiyalazi uhlelo lwethu lomdlalo. Siyazi ukuthi i-Ghana kanye ne-Sudan badlala kanjani,” kusho uWilliams.
Abadlali abangekho uKeagan Dolly, uDean Furman, uLuther Singh, uLyle Foster, uThibang Phete, uSiyanda Xulu, uThulani Serero kanye noBongani Zungu. Izikhala zabo zithathwe nguVincent Pule, uMothobi Mvala, uLebohang Maboe, uThabiso Kutumela kanye noThabo Nodada.
“Siyazethemba ukuthi sizoyinqoba yomibili le midlalo. Sidumele ngokuthi abafana abekho kodwa sizodlalela bona,” kusho uWilliams.
Bonke abadlali beBafana bafike ekhempini ngeSonto ntambama kanti ngemuva komdlalo wabo neGhana bazohamba beyobhekana neSudan ngeSonto.
IBafana idinga wonke amaphuzu atholakala kulo mdlalo ukugcina amathuba ayo okuhlunga kulo mdlalo ka-Group C ephila. Basendaweni yesibili kanti i-Ghana iphezulu eqoqweni. Womabili la maqembu anamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Umthombo wesithombe: @citypress