
Menzi Magubane
NgoLwesine amehlo azobe ethe njo kwiBafana Bafana uma isibhekene ne-Morocco emdlalweni wokuvula wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (i-Afcon) yango-2023.
Lo mdlalo ozobe usenkundleni yezemidlalo iPrince Moulay Abdellah, e-Morocco, kuzobe kungowokuqala iBafana idlala ne-Morocco ezweni layo.
Womabili la maqembu asehlangane amahlandla ayisikhombisa kodwa awakaze adlalele e-Morocco noma aqhudelane emidlalweni yokuhlungela i-Afcon.
Bagcina ukuhlangana kuma-quarterfinal e-Afcon yango-2019 emdlalweni ongayihambelanga kahle iBafana. Iqembu lakuleli lahlulwa ngelilodwa eqandeni.
NgeSonto ebusuku iBafana itheleke e-Morocco ukuyozilungiselela ngethemba lokuthi izobuyela eMzansi nomphumela omuhle.
Imidlalo yabo edlule ibinzima njengoba womabili la maqembu ewine kabili adlala ngokulingana kathathu. IBafana yagcina ukushaya i-Morocco eminyakeni engu-20 edlule kwi-Afcon yango-2002.
Kungenzeka noma yini ngoLwesine futhi ukuthola iphuzu kungase kubagculise abalandeli beBafana kanjalo nomqeqeshi uHugo Broos.
Noma yimuphi umphumela omuhle abangabuya nawo e-Morocco unganika uBroos neqembu lakhe umfutho abawudingayo.
Ngemuva komdlalo wangoLwesine iBafana izokwamukela i-Liberia ngoMandulo.
Khonamanjalo, inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika i-CAF isivumele i-Liberia ukuthi isingathe imidlalo yayo yasekhaya e-Morocco. I-Liberia ayinazo izinkundla ezihlangabezana nemibandela ye-CAF kanti ikhethe ukusebenzisa izinkundla zase-Morocco njengemidlalo yayo yasekhaya yokuhlungela.
I-South African Football Association (i-Safa) ibingeneme ngesicelo se-Liberia njengoba ibona sengathi izonika i-Morocco ithuba. Womathathu la maqembu aseqoqweni elilodwa.
Umthombo wesithombe: @Goal