Lubhalwe nguMichael Madyira
IBafana Bafana iqede endaweni yesithathu ngosizo lwamaphenathi emqhudelwaneni we-Cosafa Cup kulandela ukubambana ngo 0-0 ne-Malawi emdlalweni obuseKing Goodwill Zwelithini Stadium ngeSonto.
Muva nje elakuleli alizange lidlale kahle, lithwale kanzima ukuhlula i-Flames kwaphoqeleka ukuthi baphume endaweni yesithathu ngemuva kokunqoba ngo 5-3 sekukhahlelwa amaphenathi.
I-Malawi ijabulele ushintsho olwenzeke enkundleni ngengxenye engcono yomdlalo futhi ayizange ibe nenhlanhla yokushaya amagoli.
Nokho, indondo yethusi iduduze umqeqeshi weBafana uMorena Ramoreboli nabadlali bakhe ngemuva kokuhlulwa i-Zambia kowandulela owamanqamu.
URamoreboli ubenikeze ithuba abadlali abafana noPuso Dithejane, uSiyabonga Gumede, uShadrack Kobedi, uGenino Palace noLesego Sebetlela.
Ekuqaleni kwalo mqhudelwano unozinti weBafana u-Olwethu Mzimela kudingeke ukuthi abonge ibhola elimsindisile ngemuva kokuhluleka ukuvimba ibhola ebilishaywa nguChawanangwa Kaonga ngekhanda.
I-Flames iqhubekile nokufaka ingcindezi kubasingathi bomqhudelwano kanti ngemizuzu engu-19, uPatrick Mwaungulu obengamakiwe wehluleka ukuxhuma eduzane ngemuva kokuthi uTshegofatso Mabasa ehlulekile ukususa ingozi ebikade iphakathi kwe-freekick.
UMzimela ubengunozinti omatasatasa futhi wenze into ecokeme ukuhlenga ibhola likaCrispin Mapemba endaweni eyisigamu sehora.
Emuva kwemizuzu embalwa isivivinyo sokuqala sangempela sikanozinti we-Malawi, uBrighton Munthali siqhamuke ngesikhathi ishodi likaDithejane liphuma kwesokudla epalini.
UMzimela ubuye ngemizuzu eyisikhombisa esiwombeni sesibili ehlenga ibhola elikhahlelwe uChimwemwe Idana.
Kodwa ngemuva kwesikhashana, u-Iqraam Rayners uphikwe igoli ngemuva kokushiya uMunthali emuva.
Kube lula ukubikezela ukuthi kuzobe kuzokwenzekani njengoba la maqembu womabili engakwazanga ukuzihlukanisa ngesikhathi somdlalo, okuholele ekutheni kukhahlelwe amaphenathi.
Esithombeni esingenhla: Umgadli weBafana Bafana uVictor Letsoalo noPatrick Mwaungulu wase-Malawi
Umthombo wesithombe: Cosafa