Ezemidlalo: Yize kungekho lula kodwa iBafana Bafana ingayihlula i-Morocco, kubhala uMichael Madyira.
Ngesikhathi iBafana Bafana iqumba phansi i-Morocco ngo 2-1 emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoNhlangulana 2023, akekho owathuka.
Womabili la maqembu abevele esezibekisele indawo ku-Afcon.
Akukho okutheni futhi kwakungewona umdlalo onengcindezi njengoba umqeqeshi weBafana uHugo Broos wathi uwuthatha njengo wobungani ukuze aqale ukulungiselela umqhudelwano we-Afcon.
Ngisho nangesikhathi i-Morocco ihluliwe, ayizange ikuthathele phezulu nakuba beyiqembu elibekwe endaweni yokuqala e-Afrika.
I-Atlas Lions iseyiqembu elihamba phambili ezwenikazi futhi izophinde ibhekane neNingizimu Afrika ngoLwesibili e-Stade Laurent Pokou e-Ivory Coast.
Kodwa kulokhu, kumele badlale ngokukhulu ukuzimisela njengoba kungumzuliswano ka-16 kanti ohluliwe uzogoduka.
I-Morocco izofuna ukugcina isimo sabo njengeqembu elihamba phambili e-Afrika njengoba ilwela isicoco sayo sokuqala se-Afcon eyasiwina ngo-1976.
Izimbangi zabo ze-Cosafa zifuna ukunqamula isomiso seminyaka engu-28 sokungawini ngisho neyodwa indebe le.
Ngemuva kokudlala imidlalo emithathu yamaqoqo iqembu ngalinye seliyazi ukuthi limi kuphi ngokwamaqhinga, umqondo nezici ezahlukene zomdlalo wawo.
Nakuba iBafana inqobe ngo 4-0 ihlula i-Namibia yaphinde yadlala ngokulingana ngo 0-0 ne-Tunisia, kanti ukuhlulwa yi-Mali ngo 2-0 kwadalula izinto ezimbalwa iBafana okufanele iziqaphele futhi izilungise.
Abadlali abakorayo basaqhubeka nokugeja kwazise badinga ukukhuphula amasokisi njengoba bezobhekana ne-Morocco eqinile emuva ngemuva kokungenelwa yigoli esigabeni samaqoqo.
Yize ishaye amagoli amane ibhekene nama-Brave Warriors, ubuhlakani beNingizimu Afrika maphakathi nenkundla busakhathaza futhi uBroos udinga ukucija ngobuchule abadlali ngoLwesibili.
Nokho, kunezinto ezinhle iqembu okufanele lakhele phezu kwazo.
Ukuze ihlule i-Atlas Lions, iBafana kufanele iqhubeke iqine emqondweni ewukhombisile ngesikhathi ihlulwa yi-Mali futhi yagwema ukuhlulwa i-Namibia ne-Tunisia.
Ngokuncomekayo, abafana bakaBroos bakwazile ukudlala ngokuzimisela emidlalweni yabo emibili yokugcina futhi ukuziphatha okunjalo odongweni kuzobaluleka kakhulu ngoLwesibili uma sebebhekene nokuhlasela kwe-Morocco eshaye amagoli amahlanu emzuliswaneni wokugcina.
Esithombeni esingenhla: Umgadli weBafana Bafana u-Evidence Makgopa ulandelwa eduze u-Ellyes Skhiri wase-Tunisia no-Anis Ben Slimane.
Umthombo wesithombe: Bafana Bafana