Lubhalwe nguMichael Madyira
IBafana Bafana ingase ibhukule kusenesikhathi ithikithi le-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025 uma ingahlula i-Congo-Brazzaville kabili ezinsukwini ezinhlanu.
Iqembu likaHugo Broos lizokwamukela i-Congo eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesihlanu, bese lidlala nayo ekuhambeni futhi ngoLwesibili.
IBafana ihlezi endaweni yesibili kuGroup K ngamaphuzu amane, ibambene ne-Uganda. Ukunqoba kabili i-Congo kuzoyivikela kwi-Afcon.
UBroos ufuna ukwenza kangcono kunasemidlalweni yabo emibili yokuqala.
“Ngifuna ukubona iNingizimu Afrika yangempela sibhekene ne-Congo, asizange siyibone iNingizimu Afrika yangempela emidlalweni yethu emibili edlule,” esho etshela abezindaba zeSafa.
I-Congo isendaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu.
UThapelo Morena weBafana uthi babafundisise kahle abadlala nabo.
“Umqeqeshi usinikeze imininingwane ngezimbangi zethu futhi sesifundile ngazo, ngakho-ke siyazi ukuthi kufanele sithuthukise kuphi,” kusho uMorena.
Ikhempu lase-Congo linesiphithiphithi. Amasosha avala kafushane ikomkhulu lawo lebhola, okubambezele ukumenyezelwa kweqembu labo.
Esithombeni esingenhla: Abadlali beBafana Bafana bezilolongela eNelson Mandela Bay Stadium belungiselela ukuhlangana neCongo-Brazzaville.
Umthombo wesithombe: Bafana Bafana