IBafana idlulele esigabeni se-last 16

Lubhalwe nguMichael Madyira

IBafana Bafana idlulele esigabeni se-knockout kwi-Africa Cup of Nations kulandela ukudlala ngokulingana (0-0) ne-Tunisia ngoLwesithathu e-Stade Amadou Gon Coulibaly.

Abafana baHugo Broos baqede umkhankaso wabo ka-Group E futhi bahlala endaweni yesibili ngephuzu elingaphansi kuneqembu ebelizihola phambili kwi-log i-Mali edlale ngokulingana ne-Namibia (0-0) e-Stade Laurent Pokou.

Kube umqhudelwano obuhlungu kubadlali base-Tunisia abaqede bephansi kwi-Group kanti i-Namibia isendaweni yesithathu ngamaphuzu amane, alingana neBafana kodwa bahluke ngamagoli.

UBroos usaqhuba kahle eqenjini eliqale lashaya i-Namibia ngempelasonto edlule.

Womabili la maqembu awazange ajulukisane esiwombeni sokuqala futhi nonozinti babo abazange bakhathazeke noma nabhekane nobunzima.

Ithuba lokuqala leBafana epalini liqhamuke ngemuva kwemizuzu engu-27 ngesikhathi u-Evidence Makgopa eshaya ngekhanda ibhola eliqhamuke kuPercy Tau.

Ithuba elihle lomqhudelwano liqhamuke ngomzuzu ka-76 lapho uSiphephelo Sithole eshaye umgundatshani omubi kodwa wawuvimba unozinti.

Ngokushesha ngemuva kwalokho uTeboho Mokoena uzame ukushaya igoli ekude kodwa wangaphumelela, kanti ngaleso sikhathi iBafana ibisiqalile icindezela abase-North Afrika.

IBafana iqhubekile nokuhlokoloza abadlali base-Tunisia kanti imizamo kaMakgopa yokushaya ngekhanda ibhola ukwazile ukuyivimba uBen.

Umgadli waseTunisia uHaythem Jouini ucishe wajezisa iBafana kodwa ibhola lakhe lihambe phezu kwepali ladlula uWilliams.

IBafana ibibambelele njengoba beyazi ukuthi iphuzu lanele ukuze idlulele kuhlu lwamaqembu angu-16 ku-Afcon.

Isithombe esingenhla: Umgadli weBafana Bafana uPercy Tau uzama ukudlula abadlali basemuva base-Tunisia u-Ali Abdi noMontassar Talbi.

Umthombo wesithombe: Bafana Bafana

Izihloko zakamuva