IBafana ethubeni lokunqoba i-Afcon

Ezemidlalo: Njengoba amaqembu ahamba phambili ekhishwa ubuthaphuthaphu, iBafana Bafana ikhombisa amandla nokuziphatha ngendlela ku-African Cup of Nations, kubhala uMichael Madyira.

Amaqembu amahlanu ase-Afrika ahamba phambili ngokwe-Fifa asephumile kumqhudelwano we-Africa Cup of Nations. I-Morocco, i-Senegal, i-Tunisia, i-Algeria kanye ne-Egypt, ngokulandelana ngamaqembu amahlanu ahamba phambili ezwenikazi.

Babuyele emakhaya ngemuva kokufika ku-Afcon njenge zintandokazi zomqhudelwano.

Ukwengeza kula maqembu amahlanu, i-Cameroon, i-Ghana ne-Burkina Faso okungamaqembu ahlonishwayo ezwenikazi nawo asephumile kumqhudelwano.

Lokhu kushiya iNingizimu Afrika, i-Angola, i-Nigeria, i-DR Congo, i-Mali, i-Guinea, i-Cape Verde kanye ne-Ivory Coast engosokhaya kuma-quarter-final embangweni wesicoco se-Afcon.

Ngokungajwayelekile alikho iqembu lasenyakatho ne-Afrika elidlulele esigabeni sama-quarter final okuyizinkomba zokuthi izinto ziyashintsha ebholeni lase-Afrika.

Angiwabukeli phansi ama-quarter final, kodwa kubukeka kuyithuba elikhulu kwiNingizimu Afrika lokunqoba isicoco se-Afcon okokuqala selokhu yagcina ngo-1996.

Abafana bakaHugo Broos bazobhekana ne-Cape Verde kowokugcina kweyisishiyagalombili ngoMgqibelo kanti uma bewina, bazohlangana nowinile phakathi kwe-Nigeria ne-Angola kowandulela owamanqamu.

Kubukeka kuyindlela elula kuBafana ebheke kowamanqamu, nakuba le-Afcon isiwufezile umbono wokuthi alikho iqembu elikwazi ukudlulela kalula emzuliswaneni olandelayo.

Ngemuva kokudlala ngokuzimisela bebhekene ne-Tunisia ne-Morocco, iBafana isinikeza ithemba lokuthi ingafinyelela kowamanqamu.

Ngeke usasho nokuthi bafika e-Ivory Coast begxekwa ngokungahleleki njengoba sebenze iNingizimu Afrika yakholelwa kubo.

Njengoba amaqembu amaningi ahamba phambili esesukile endleleni, leli yithuba elikhulu lokunqoba i-Afcon.

Uma behluleka, bangase bangalokothi balibhade emqhudelwaneni lapho iningi lamaqembu ahamba phambili ekhishwa ubuthaphuthaphu ngaphambi kwesikhathi.

Sekusele kuBroos nezakhe ukuthi balibambe leli thuba lokuthweswa isicoco sase-Afrika yize kungeke kube lula.

Indlela abazicije ngayo ngesikhathi bedlala ne-Namibia, i-Tunisia ne-Morocco kungaba wukhiye wabo ekutholeni udumo.

Esithombeni esingenhla: Abadlali beBafana Bafana uVeli Mothwa, uZakhele Lepasa, uMothobi Mvala no-Evidence Makgopa.

 Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva