Lubhalwe nguDylan Bettencourt
IBafana Bafana kudingeke ukuthi ibuyise isithunzi sayo ngokuhlula i-Mozambique ngo 2-1 ngoLwesine ebusuku.
Yize ubunganakiwe kakhulu umdlalo obusenkundleni yezemidlalo i-Mbombela, e-Nelspruit, izinto zisheshe zajika ngesikhathi uNelson Daniel Divrassone eshayela i-Mozambique igoli lokuhola.
Ukungavikeli kahle kosokhaya kuvumele umhlaseli ukuthi enze i-Mozambique ihole phambili phambi kwababukeli ababalelwa ku-10,000.
Nakuba elakuleli belilawula umdlalo, ukuntula ubuciko bebhola bekusho ukuthi awekho amathuba angempela angavela.
Iqembu lokuvikela le-Mozambique lenze umsebenzi oncomekayo ekuvimbeni iBafana Bafana njengoba kuyiwe ekhefini ihamba phambili.
Abalandeli abaningi ku-Twitter basole umqeqeshi uHugo Broos ngokwehluleka ukwakha iqembu elijabulisayo elingakhanda amathuba amahle phambi kwamapali.
Kodwa-ke lezo zikhalo zisheshe zaphenduka umgubho ngesikhathi uBongokuhle Hlongwane eshaye amagoli amabili emizuzwini emithathu nje vo.
Umsebenzi oncomekayo impela owenziwe uHlongwane!
Lo mdlali odlala eMelika ube esethola elinye ithuba washaya ibhola elipholile ekhoneni elingezansi.
IBafana bese idlala ngokukhulu ukuzethemba ngaphambi kokuthi i-Mozambique ishaye ibhola elihle yazizwa inethuba lokuthola igoli lokulinganisa.
Izivakashi zithole amanye amathuba ambalwa kodwa zahluleka ukweqa udonga lweBafana.
Ukuhlula i-Mozambique kwenze iBafana Bafana yawina kathathu kulandelana kanti izobhekana ne-Angola ngeSonto ngehora lesithathu ntambama.
Esithombeni esingenhla: IBafana Bafana
Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes