Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Umanyolo ubaluleke kakhulu endaweni yase-Zibambwe njengoba bekwazi ukukhiqiza u-10% wawo kuphela. Njengamanje inkampani yasendaweni i-Verify Engineering isithuthukise ubuchwepheshe obushintsha amalahle abe umanyolo.
Lolu hlelo olusha kulindeleke ukuthi lukhiqizele umphakathi wezolimo umanyolo omningi oseqopheleni eliphezulu.
USihlalo webhodi le-Verify board, u-Edgar Kamusoko uthe ngaleli galelo elisha sebengakwazi ukukhiqiza i-ammonium nitrate ngisho ne-urea okuwumanyolo oseqopheleni eliphezulu.
“Sesikwenzile ngobuchwepheshe senza nenqubo yama-gasification. Ngaphambi kokuba siqale sisalindele uxhaso lukahulumeni esilindele ukuthi siluthole ngokushesha.”
“Okwamanje, ukukhiqizwa kwasekhaya kuhlangabezana nesidingo esingu-10% kuphela njengoba kudingeka ukuthi kuthengiswe ngaphandle u-90% kamanyolo osele futhi mhlawumbe ukukwakhiwa kukamanyolo ngendlela entsha kuzokhiqiza u-10% noma ngaphezulu.”
Kunegebe elikhulu kumanyolo osetshenziswa kakhulu abalimi futhi abangawuthola endaweni kunalo okumele bawubheke phesheya kwezilwandle.
UKamusoko uthe eminyakeni emithathu ezayo imboni yokuhlola umanyolo i-ammonium izoqala ukuvala lelo gebe.
“Sikholelwa ukuthi ubuchwepheshe buzosiza kakhulu ukwanelisa isidingo sethu sikazwelonke se-ammonia nitrate eseqopheleni eliphezulu futhi sizokweseka imizamo yabantu emisebenzini yezolimo.
Umlimi ohweba ngommbila nogwayi, uCharles Marumbi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuba nezitshalo ezikhiqiza umanyolo kuleli kuzobasiza ukuthi bakhule njengomkhakha wezolimo.
“Kuzokwenza umsebenzi wethu wokulima ube lula ngoba angeke sisadinga ukuphuma sibheke esingakwazi ukukuthola endaweni, kuphinde kuqedwe izindleko zokuthutha nezokungenisa ezweni okuyizona ezihamba phambili.”
Ukuthenga umanyolo okhiqizwe kuleli kubiza imali ephansi ukudlula ukuwuthenga kwamanye amazwe futhi lokhu kukhombisa ukuthi likhona ithemba ngomnotho wase-Zimbabwe ontengantengayo.
“Uma siqhubeka nokusebenzisa umkhakha wethu wezolimo izwe lingaphinde lisimame.”
Omunye umlimi wommbila othengisayo uMnu Peter Chamunga uthe kuyisifiso sakhe ukuthi lolu hlelo lusungulwe masinyane ngoba ukuthenga kwamanye amazwe kuyabiza. “Ukuba nenkampani yethu ekhiqiza umanyolo kukhombisa izimpawu zokuthi izwe lilwa kanzima ukusebenzisa umkhakha wezolimo futhi sizimisele uma kuziwa ezindabeni zokutholakala kokudla.”
“Ngaphambi kokuthi abalimi bathole umanyolo okhiqizwa kuleli, ukusungulwa kwalesi sikhungo kusho ukuvuleka kwamathuba omsebenzi kubantu bendawo. Ngakho-ke, wonke umuntu uzohlomula kulolu hlelo olusha.”
Isithombe esingenhla: Isithombe sensimu yommbila
Umthombo wesithombe: UDalphine Tagwireyi