I-Zanu PF isolwa ngokuphoqa abantu ukuthi bayivotele 

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Abalandeli beqembu eliphikisayo lase-Zimbabwe bakhala ngamalungu eqembu elibusayo i-Zanu-PF abavimbela ukuthi babhalisele ukuvota okhethweni oluzayo.

Amalungu e-Zanu PF asemancane agqigqa ezindaweni zokubhalisela ukuvota kusolwa ukuthi aphilisa kanzima amalungu e-Citizens Coalition for Change (CCC) e-Mbare.

Uma abavoti kusolwa ukuthi bangamalungu eqembu eliphikisayo, imininingwane yabo okuhlanganisa nezithombe kanye namaphepha abo okuvota kuthathwa ngenkani.

E-Mbare idolobha elidala kunawo wonke e-Harare okuyindawo eyaziwa kakhulu ukuthi ibuswa i-Zanu-PF kusolakala ukuthi amalungu eqembu eliphikisayo awalibhadi nakancane khona.

Odayisa edolobheni lase-Mbare Musika uveze ukuthi bonke abathengisa endaweni yasemakethe basatshiswa ukuthi bayobhalisela ukuvota e-Mbare noma kungathiwa bahlala kwezinye izindawo uma benqaba basatshiswa ngokuxoshwa.

“Uma wenqaba ukubhalisa bayakuxosha, basitshele ukuthi bangabanikazi bendawio yase-Mbare futhi wonke umuntu osebenza kule ndawo kufanele alandele imiyalelo yabo,” kusho umthengisi.

“Abanye abathengisi ababebhalisele ukuvota, kodwa okusolakala ukuthi bangamalungu e-CCC baphucwa amaphepha abo okuvota.”

Owesifazana ohlala e-Mbare owehluleke ukubhalisa ngemuva kokuxoshwa ngamalungu asemancane e-Zanu-PF ukhulume ne-Scrolla.Africa.

“Balawula ukusebenza kwe-Zimbabwe Electoral Commission (ZEC) futhi uma ungelona ilungu le-Zanu-PF khohlwa ngokubhalisa e-Mbare.”

Ilungu lomqondisi wokhetho ku-CCC uEllen Shiriyedenga ugxeke izehlakalo zokusatshiswa kwabantu ngamalungu e-Zanu-PF.

Wengeze ngokuthi kunenhlangano ebizwa ngokuthi i-Forever Association of Zimbabwe (FAZ), okukholakala ukuthi idlelana ne-Zanu-PF futhi okusolakala ukuthi ishaqa imininingwane yabavoti ngenkani phambi kwabezomthetho.

“Siyazazi ezinye izehlakalo zokusatshiswa inhlangano edlelana ne-Zanu-PF ebizwa ngokuthi i-FAZ etshalwe kuzo zonke izindawo zokubhalisa.

“Le nhlangano ithatha imininingwane yabantu njengoba isebenzisana ne-Zanu-PF iphinde ithathe amaphepha okubhalisela ukuvota nezithombe zabo.”

Kodwa okhulumela iqembu le-Zanu PF uMnu Christopher Mutsvangwa uthi akanalo ulwazi ngalolu daba.

Ebuzwa ngaloludaba okhulumela amaphoyisa ase-Zimbabwe Republic Police umsizi kakhomishana uPaul Nyathi uthe lolu daba belungakafiki ehhovisini lakhe wathi angeke akwazi ukuphawula ngento angayazi.

Isithombe esingenhla: Itende lokuvota le-ZEC

Umthombo wesithombe: ZEC

Izihloko zakamuva