I-Zanu PF ethubeni lokudla umhlanganiso okhethweni oluzayo

Lubhalwe nguZukile Majova

Isithombe sikaRobert Mugabe sibukeka sisikhulu okhethweni lwase-Zimbabwe yize akhishwa esikhundleni ngo-2017 washona ngoMandulo ngo-2019.

Ukuhamba kukaMugabe bekwenzelwe ukuqeda uhulumeni ononya we-Zanu PF obesebuse kuleliyazwe ngesandla sensimbi iminyaka eminingi.

Kodwa njengoba abantu base-Zimbabwe beya okhethweni ngomhlaka-23 kuNcwaba ukushaywa kwabantu kuyaqhubeka emigwaqeni; izintatheli nezishoshovu zezombusazwe zihlalele ovalweni lokuboshwa nokugqunywa ejele ngaphandle kokuqulwa kwamacala.

Ayisakhulunywa ekamholi wase-Zimbabwe weqembu eliphikisayo uMnu Nelson Chamisa ohola eminye yemikhankaso enzima kakhulu eminyakeni yakamuva.

Lokhu ukwenza nabalandeli bakhe abangaphezu kwezigidi ezine abangase babe ngabavoti abazinze kuleli futhi mancane amathuba okuthi babuyele ekhaya ukuze abambe iqhaza okhethweni lwakulo nyaka ngoNcwaba.

Iningi labantu abaseka uChamisa liphakathi kwentsha ehlala emadolobheni, abafundileyo kanye nabasha abasebenza embonini yezokuvakasha kanye nezokwamukela izivakashi kuleli, i-e-hailing kanye nasemkhakheni wokulethwa kwempahla edayiswayo.

Kulindeleke ukuthi abasekeli abaningi be-Zanu PF abaqhamuka emaphandleni baphume ngobuningi babo ukuzovota ngesikhathi abasekeli bakaChamisa bengeke baphumelele.

Kuze kube imanje iqembu i-Citizens Coalition for Change (CCC) kaChamisa lehluleke ngisho ikumemezela abazoncintisana emawadini, emadolobheni kanye nasezifundazweni ngoba besaba ukuthi bazohlukunyezwa uhulumeni we-Zanu PF.

Owayehlala esandleni sokuphosa sikaMugabe, u-Emmerson Mnangagwa owathatha izintambo kuMugabe uyaqhubeka nesiko lakhe lesihluku nokwesabisa.

UChamisa nguye kuphela omile ngemuva kokuthi uhulumeni kaMnangagwa engeze izindleko zokungenela ukhetho zisuka ku-$1 000 ziya ku-$20 000 okwenza ukuthi abancintisana kulolu khetho behle besuka ku-23 baya ku-11.

Izinkinga ezinkulu ezizobe zibhekwe ngabomvu okhethweni zihlanganisa izindleko eziphezulu zokuphila, ukunqanyulwa kukagesi okuphazamisa umnotho, ukuntuleka kwemisebenzi kanye

nezidingo zentando yeningi.

Njengoba ebhekene nenselelo eningi, kukancane ukuthi uChamisa angawina njengoba kulindeleke ukuthi i-CCC yakhe ibe ngaphansi kukahulumeni kaMnangagwa.

Kodwa okumqoka kakhulu ukuthi uma uChamisa engahlala ekhona angaba ngumuntu ofanele ukukhulula abantu base-Zimbabwe ezidladleni zikahulumeni we-Zanu PF.

Izihloko zakamuva