I-Zambia nophenyo ngezinsolo zocansi ebholeni labesifazane

Dylan Bettencourt

I-Zambian Football Association (FAZ) isiqale uphenyo ngezinsolo zokuhlukunyezwa ngokocansi emdlalweni wabesifazane.

Izindaba zokunukubezwa ngokocansi ziza ngemuva kwezinyanga ezimbili iqembu lesizwe labesifazane lase-Zambia liqophe umlando ngokungena kwiNdebe yoMhlaba yaBesifazane ye-Fifa okokuqala ngqa.

I-FAZ ichaze ukuthi nakuba ibingakazitholi izikhalo ezisemthethweni ezivela kumalungu eqembu, yona ithathe isinqumo sokuqala uphenyo ukuze kuxazululwe noma yiziphi izinkinga ezingase zibe khona, kubika i-BBC.

“Nakuba singenawo umbiko wezikhalazo ezisemthethweni ezivela kunoma ngubani ngalezi zinsolo, lezi zinsolo sizithatha njengezibucayi kakhulu futhi sesivule uphenyo ngalolu daba,” kusho uNobhala Jikelele we-FAZ u-Adrian Kashala esitatimendeni.

“Sizosebenzisana namaphoyisa ase-Zambia kanye nezinye izinhlaka ezifanele ukubhekana nalolu daba.”

Unobhala jikelele wengeze ngokuthi i-FAZ isibhalele amapholisa kanti ngeke ikhulume kuze kuqedwe uphenyo.

“Sesibhalele amaphoyisa ase-Zambia ukuthi ameme noma ngubani onobufakazi ukuze asize ophenyweni. Isizwe sizokwaziswa ngemiphumela yophenyo uma seluphothuliwe,” kusho uKashala.

UKashala ugxile emalungiselelweni eNdebe yoMhlaba yaBesifazane ye-Fifa yango-2023 wathi amalungiselelo omdlalo wobungani ne-Netherlands mhla ziyisithupha kuMfumfu ahamba kahle.

Ukudlondlobala kwebhola labesifazane e-Zambia kuqale ngesikhathi leli qembu lidlala emidlalweni yalo yokuqala yama-Olympics nyakenye ngaphambi kokuthi lifinyelele kweyomkhumulajezi ye-Africa Women’s Cup of Nations ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Ukulandela lokho leli qembu liphumelele okokuqala ngqa ukuhlungela i-Cosafa Women’s Championship ngemuva kokuhlula ompetha base-Afrika iBanyana Banyana kuleli.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva