I-Zambia ithanda ukufunda izincwadi

Kudala ukufunda izincwadi kwakuyinto eyayiqhubekisa impilo.

Ngesikhathi ngiseyingane lapha e-Zambia enye yezinto ezazisijabulisa endaweni yangakithi ukuvakasha endaweni yomtapo wolwazi njalo ngamasonto.

Wawungekho umabonakude ngalezo zinsuku ebusuku sasilalela umsakazo futhi sifunde izincwadi.

Ngalezo zinsuku sasifunda izinganekwane. Bekukhona nephephabhuku elaziwa kakhulu lase-Kenya elinesihloko esithi True Love elalivamise ukuba nezindaba ezimfushane ezithinta uthando, ubugebengu, kwesinye isikhathi nobuthakathi.

E-Lusaka kwakunezitolo eziningi zezincwadi, i-American Cultural Center, i-British Council kanye nendawo yomtapo wolwazi. 

Abantu abaningi bafunda izincwadi zababhali bamazwe ngamazwe. Thina sasithanda ukufunda ngababhali base-Afrika:

U-Achebe, uNgugi, uSoyinka, kanye no-Oyono nabanye. 

Sasithanda bezinkondla ikakhulukazi zikaLeopold Senghor uMengameli wokuqala wase-Senegal owagcina eseyilungu le-French Academy.

UMengameli wokuqala wase-Zambia uKenneth Kaunda naye wayebhale umlando wokuphila kwakhe okwakudingeka ufundwe.

 Imbangi enkulu kaKaunda yezombangazwe uSimon Kapwepwe owabhala izinkondlo ngolimi lesi-Bemba, okuwulimi olukhulu lwase-Zambia ngalezo zinsuku izinkondlo ze-Kapwepwe zavalwa futhi zahanjiswa ngamakhophi abhalwe ngomshini.

Ngenyanga edlule ngise-Ndola, idolobha lesibili ngobukhulu e-Zambia lapho isikhumulo sezindiza samazwe ngamazwe siqanjwe nge-Kapwepwe.

Isitolo sezincwadi besigcwele amaBhayibheli nezincwadi zebhizinisi. Ngize ngatshela osebenza esitolo sezincwadi ukuthi uSimon Kapwepwe wayeyimbongi wamangala kakhulu.

Osopolitiki ngalezo zinsuku babekuthanda ukufunda.

Akuzona zonke izincwadi esasizifunda ezaziseqopheleni eliphezulu. Bekunenoveli ebesiyithanda kakhulu enesihloko esithi Ticklish Sensation kaGideon Phiri; ikhava yencwa yayivezwe isifuba.

Kwakuyindaba yensizwa ekhulela e-Mpumalanga ne-Zambia eyayilangazelele uthando empilweni yayo. Izingxenye zenoveli bekukhona izithonbe futhi zihlekisa kakhulu.

Bese kuba noJames Hadley Chase. Okwakungumdlalo owaduma kakhulu othokozisayo onesihloko esithi Lotus for Miss Quon.

Ngalezo zinsuku kwakungewona amantombazane kuphela ayefunda amanoveli e-Mills and Boons ngisho abafana babezijabulela izindaba zothando zabahlengikazi abathandana nodokotela.

Kunezitolo eziningi zezincwadi e-Lusaka namuhla. Esigabeni sababhali bendawo ngokuvamile uthola izikhumbuzo eziningi ezihlukile zosopolitiki bangaphambili abazama ukulungisa amaphutha amadala.

Ngokusobala lezi zincwadi azidayisi kahle. 

Ezinxanxatheleni zezitolo kukhona nezitendi ezigcwele izincwadi ezinye zibiza kakhulu.

Ngifunde ukuthi incwadi ethandwa kakhulu iBhayibheli nezincazelo zeBhayibheli.

Izintshumayelo zabefundisi bevangeli, ikakhulukazi labo abalandela i-Prosperity Theology zithandwa kakhulu ngabase-Zambia.

Izincwadi zikaJoel Osteen uCreflo Dollar nabanye abashumayeli zikhuluma ngenkolo.

Khona  nezincwadi zobulili kwezinye izindawo ezifihliwe ezikhuluma ngocansi kubazalwane. 

Kukhona nezincwadi ezikhuluma ngokuthi ukholo lukaNkulunkulu lungasiza kanjani imishado. Ngifunde ukuthi lezi zincwadi zithandwa kakhulu ngabesifazane abasuke begcizelela ukuthi abathandana nabo kumele bazifunde.

Ezinye izincwadi ezifunwa kakhulu zimayelana nendlela yokwenza imali.

I-biographies kaBill Gates uWarren Buffett nabanye osozigidi baziwa kakhulu.

Ngezinsuku zethu sasibheka kubabhali abakhulu base-Afrika ukuze sithole ukuhlakanipha okujulile nokuqonda izwekazi.

 Manje lapha e-Zambia abantu bajabulela ukufunda ngokuya ocansini emshadweni nokuthi ungaba kanjani u-Aliko Dangote noma uPatrice Motsepe olandelayo.

Izihloko zakamuva