I-Zambia iguqise iBanyana kowe-Cosafa

Menzi Magubane

Kungase kungasho lutho kwamanye amazwe kodwa ukuwina kwe-Zambia kowe-Women’s Cosafa Cup yakulo nyaka kusho lukhulu.

I-Chipolopolo Queens ikwazile ukuzihlenga ibhekene neBanyana Banyana eyikhiphe kowandulela owamanqamu we-Womens Africa Cup of Nations (Wafcon) ebise-Morocco ezinyangeni ezimbili ezedlule.

Womabili la mazwe ebesebenzisa abadlali abancane ngoba abajwayelekile bebesele namaqembu abo asekhaya.

UBarbra Banda ubengumdlali ovelele emdlalweni obuse-Gqeberha. Lo mdlali (22) ushaye igoli elilodwa eliholele ekutheni iqembu lase-Zambia lithathe isicoco se-Cosafa Cup okokuqala ngqa.

Lelo goli obekungeleshumi emqhudelwaneni limnika umklomelo wokuba umshayi-magoli ohamba phambili.

Ikhanda lakhe elishaye unozinti weBanyana uDineo Magagula esikhathini esengeziwe lisho lukhulu kuBanda futhi ukujabula kwakhe bekuzikhulumela.

Akagcinanga ngokuhamba nendondo emqhudelwaneni kodwa uphinde wathola umklomelo wokuba umdlali ovelele walo mqhudelwano.

Abaningi bazokhumbula uBanda ngemuva kokuba sematheni ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano we-Wafcon ekuqaleni kukaNtulikazi.

Uphoqeleke ukuthi ahoxe eqenjini lase-Zambia ngemuva kokuthi kuhlolwe igazi lakhe kutholwe amazinga aphezulu e-testosterone.

Bekumangalisa ukubukela lo mdlali edlala e-Qqeberha futhi wenze isiqiniseko njengokaputeni ukuthi iqembu lakhe liqeda umqhudelwano lingahluliwe.

KwiBanyana, ukuhlulwa ngeke kube buhlungu kangako njengoba abadlali beyingxenye yeqembu lesibili ukunikeza umqeqeshi uDesiree Ellis ezinye izinketho ngekusasa leBanyana.

U-Ellis ubengaholi iqembu kanti iphini lomqeqeshi uSimphiwe Dludlu ubehola ithimba labaqeqeshi.

Umthombo wesithombe: @FAZFootball

Izihloko zakamuva