I-Zamalek kumele ikhuphule amasokisi

Menzi Magubane

UMengameli we-Zamalek uMortada Mansour usenele ngabadlali abangenzi kahle.

UMansour usenqume ukwehlisa amaholo abadlali bakhe ngemuva kokuhlulwa imidlalo emibili ye-Egypt Premier League ezinsukwini eziyisikhombisa nje.

Njengamanje i-Zamalek iqhwakele ku-ligi kanti ilandelana ne-Pyramids esendaweni yesibili, bashiyana ngamaphuzu amabili ngemuva kwemidlalo engu-19.

I-Pyramids inomdlalo esandleni kanti uma inqoba kowe-Al-Ittihad ngeSonto ingagxuma kwi-Zamalek ihambe phambili ngephuzu elilodwa.

Kodwa okusabisa kakhulu i-Zamalek izimbangi zayo ezinkulu i-Al Ahly esendaweni yesithathu.

Nokho i-Ahly inemidlalo emine esandleni kanti isele ngamaphuzu ayisikhombisa kompetha. Bobabili bazohlangana ngasekuqaleni kukaNhlangulana kanti ngaleso sikhathi i-Ahly ingase ibe ngaphambi kwezimbangi zabo ezinkulu.

Mhlawumbe umcabango wokushawa ama-Red Devils ngesinye isizathu esiholele ekutheni uMansour ehlise amaholo abadlali bakhe.

I-Zamalek ne-Ahly bayizimbangi kanti uMansour akakuthandi ukushaywa iqembu likaPitso Mosimane.

Emasontweni amathathu edlule uMansour ugwetshwe iminyaka emibili ebhadla ejele ngezinkulumo ezihlambalazayo nge-Al Ahly nyakenye.

Usihlalo we-Red Devils uMahmoud El-Khatib uvulele uMansour amacala amabili okwehlisa isithunzi ngokuphawula kwakhe.

Laba bobabili bebenobudlelwano obushubile phambilini njengoba womabili la amaqembu efaka amacala okufuna isicoco se-African Club of the Century eminyakeni emibili edlule.

Phambilini u-El-Khatib wathi uMansour usebenzisa leli thuba lokungavikeleki kwakhe ePhalamende okwasetshenziswa kabi nguMengameli we-Zamalek.

Kodwa-ke uMansour wehlulwe okhethweni lwase Phalamende ngasekupheleni kuka-2020 okusho ukuthi ukungavikeleki kwakhe kwase kususiwe kusukela ngoMasingana nyakenye.

Umthombo wesithombe:@SadaElBalad

Izihloko zakamuva