
Celani Sikhakhane
Abasebenzi abangu-75 abebetelekile baphume ebumnyameni obungaphansi komhlaba e-Zululand Anthracite Colliery (iZAC) kwaNongoma ngoLwesithathu ngemuva kokuthi abaphathi benqamule umoyampilo emigodini ukuze baphume ngenkani.
Abaphathi be-ZAC basabise abasebenzi ngokuthi bazophelelwa umoya uma bengawuqedi umbikisho wabo osekuphele amasonto amabili bewuqalile ngemuva kokuthi amaphoyisa endawo ehluleke ukubakhipha emgodini iezintatha zangoLwesithathu.
Abasebenzi abangaphezu kuka-75 bateleke ngomhlaka-14 kuMbasa ngemuva kokuthi i-ZAC inqabe ukubuyisela imihlomulo yabasebenzi eyayithathwe ngoNdasa ngo-2020 ekuqaleni kobhubhane.
Ngomhlaka-19 kuMbasa, i-ZAC izame ukuqeda isiteleka ngokuqasha inkampani yonogada ezimele, i-Van Damme, ukuze ivimbele abathandekayo babatelekile ukuthi babalethele ukudla namanzi.
Ngemuva kokuthi lokhu kuhluleke, amaphoyisa endawo angene kule mayini phakathi kwamabili ngoLwesibili, kodwa abasebenzi bathi balwazi kangcono uhlelo lwemiguduodi kunamaphoyisa futhi bakwazile ukucasha ekujuleni kwemayini.
Njengoba kubonakala sengathi yonke eminye imizila iphelile, i-ZAC ivale ukuhlinzekwa komoyampilo ezimayini, kwathi ngo-3 ntambama ngoLwesithathu, bonke abasebenzi abangamau-75 baphuma emgodini.
Ngemuva kokubona ukukhanya kwelanga okokuqala ngemuva kwamasonto amabili, omunye wabasenzi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi inkampani ibonile ukuthi amaphoyisa ayehluleka ukubakhipha yase iqala ukunqamula umoyampilo ukuze bengakwazi ukuphefumula.
“NgintengentengeNgibuthakathaka futhi ngikhathele kulokhu kodwa bekumele ngibambe iqhaza kulesi siteleka ngoba amalungelo ethu ayaxhashazwa. Le nkampani isiphuce imihlomulo efana nemali yomhlalaphansi, eyosizo lezokwelashwa kanye nemiholo yethu ehliswe isuka ku-R15. 000 yaya ku-R6 000. Kubuhlungu futhi ngeke sihlehle,” kusho uPhindile Mkhize.
Abasebenzi balandwe ngezimoto eNgwabe nase-Deep E shaft bayiswa emahhovisi amakhulu e-ZAC lapho abebelindwe khona ngabaphathi.
Ngesikhathi befika, iningi labo bebebukeka bebuthaka futhi bengcolile kodwa ngemuva kwehora bengaphakathi, babuye behlanzekile, ngoba bathole ithuba lokugeza nokushintsha bagqoke izingubo ezihlanzekile.
Izithunywa zomkhandlu waKwaZungu, eMatheni naKwaMpungose bezikhona endaweni yesigameko zizofuna ukuthi abaphathi bakhulume nabammele isiteleka ezingxoxweni nezinyunyana zabo, i-National Union of Mineworkers and Association of Mineworkers and Construction Union (AMCU).
UMfanawenyanga Dlamini we-AMCU utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abaphathi babaxabanise nabasebenzi ngokunqamula ukuxhumana nabo ngomhlaka-19 kuMbasa, ngesikhathi onogada bevala zonke izindlela zokuthi nbathintane nabangaphandle.
“Baqale batshala inkampani yonogada entsha ebizwa nge-Van Damme ukuthi izosivimba ukuthi singahlangani nabasebenzi abatelekile, yilapho abasebenzi abacabange khona ukuthi sibadayisile bengafuni lutho oluzobahlanganisa nathi njengabammele izinyunyana,” kusho uDlamini.
Ngesikhathi abasebenzi behlangana ngaphandle kwamasango enkampani, bafunge bagomela ukuthi bazoqhubeka nesiteleka sabo.