I-YouTube isivalile isiteshi sokusakaza sikaTB Joshua

Dylan Bettencourt

I-Youtube uvale isiteshi sokusakaza somfundisi onomusa wase-Nigeria u-TB Joshua, kulandela izinsolo zenkulumo enenzondo ebhekiswe emphakathini we-LGBTQI.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uJoshua ethi welapha izitabane esiteshini sakhe.

Isonto likaTB Joshua, i-Synagogue Church of All Nations elizinze e-Lagos inabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-1.8 ababhalisile kulesi siteshi, ibukwa ngabantu abangaphezu kwezigidi ezingama-400 ku-YouTube kanti futhi ithandwa ngabantu abangaphezu kwezigidi ezine ku-Facebook.

U-Facebook ususe okungenani ividiyo eyodwa ekhombisa owesifazane eshaywa ngempama ngenkathi u-TB Joshua ethi ukhipha “umoya wobudimoni.”

Ividiyo yowesifazane eshaywa ngempama ngesihluku kulokho okubizwa ngokuthi ‘yimizamo yokulungisa ubulili bakhe’, isibukelwe izikhathi ezingaphezu kwezigidi ezingu-1.5.

Ngenkonzo yakhe yangeSonto, uJoshua uphendule ku-YouTube wathi: “Ngifuna ningisize ngithandazele i-YouTube.”

Ku-Facebook uthe uzigxeka zonke izinhlobo zenkulumo enenzondo futhi uhlela ukucela ukubuyiselwa ku-YouTube.

Uthe ubenobudlelwano obuhle nalenkundla yokuxhumana. Uthi isinqumo sabo basenze ngokuxhamazela.

I-OpenDemocracy, iwebhusayithi ehlaziya ezombusazwe nezenhlalo ezinze e-United Kingdom ithi i-YouTube yenze okufanele.

“Phakathi kowe-2016 kuMasingana nowe-2020, lesi siteshi sathumela okungenani iziqeshana eziyisikhombisa ezifanayo ezazikhombisa kumabonakude ongumKristu owayenomoya wokuzijabulisa ekhipha imimoya ngodlame,” Basho njalo.

Okhulumela i-YouTube utshele i-OpenDemocracy ukuthi isiteshi sivaliwe ngoba inqubomgomo yakwa-YouTube iyakwenqabela okuqukethwe okusolwa ukuthi othile ugula ngengqondo, uyagula, noma uphansi ngenxa yobulungu bakhe eqenjini elivikelekile kufaka phakathi nobulili bomuntu.

Ngowe-2014, indlu yezivakashi eyayisegcekeni lesonto yawa phansi, kwashona okungenani abantu abayi-116 okubandakanya abantu baseNingizimu Afrika abaningi. Ibonisani le vidiyo?

Le vidiyo ingumbiko wesikhathi somkhuleko wowesifazane obizwa ngo-Okoye, owasakazwa okokuqala ngowe-2018.

Kuyo uTB Joshua ushaya ngempama aphushe u-Okoye nowesifazane ongadalulwanga igama amahlandla ayi-16 bese etshela u-Okoye ukuthi: “Kunomoya okuphazamisayo. Uzitshale kuwe. Umoya wowesifazane,” kubika i-OpenDemocracy.

Umthombo wesithombe: @Sqoop

Izihloko zakamuva