I-World Rugby ivimbele uRassie Erasmus ukuthi aye ezinkundleni zezemidlalo izinyanga eziyi-11

Dylan Bettencourt

UMqondisi we-Rugby waseNingizimu Afrika uRassie Erasmus uvinjelwe ukuya kuyo yonke imidlalo yebhola lombhoxo izinyanga ezimbili futhi ngaphezu kwalokho, uthole ukuvinjelwa kosuku lomdlalo kuze kube nguMandulo wezi-2022.

I-World Rugby ithole uErasmus enamacala kuwo wonke amacala ayisithupha kanti amanye amacala kube ngelokuhlasela, ukubukela phansi  izikhulu zomdlalo futhi akazange amukele noma ahloniphe igunya nezinqumo zezikhulu zomdlalo.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi lo mqeqeshi, owahola amaBhokobhoko ngenkathi enqoba iNdebe yoMhlaba yowezi-2019, enze ividiyo yemizuzu engama-62 lapho ayegxeka khona unompempe uNic Berry no-TMO uMarius Jonker emdlalweni wokuqala wamaBhokobhoko ebhekene ne-British & Irish Lions ngoNtulikazi. Ividiyo eyaputshuka, yaqubula uphenyo enhlanganweni eyengamele ibhola lombhoxo emhlabeni.

“Sebucubungulwe bonke ubufakazi, okuhlanganisa nobufakazi obuphuma kubaphathi bomdlalo, uRassie Erasmus, i-SA Rugby, i-World Rugby, izethulo zamaqembu kanye nekomidi bakwazile ukufakazela wonke amacala ayisithupha abekwe u-Erasmus,” kusho isitatimende se-World Rugby.

Ukuvinjelwa kwakhe yi-World Rugby kusho ukuthi u-Erasmus akakwazi ukuhlanganyela kunoma yiluphi uhlobo lwemisebenzi yosuku lomdlalo, okuhlanganisa ukuqeqesha, ukuxhumana nabaphathi bomdlalo nanoma yiluphi uhlobo lokuxoxisana nabezindaba kuze kube sekupheleni kukaMandulo wezi-2022.

“U-Erasmus angase abuyele emsebenzini wakhe wokuba nguMqondisi Webhola Lombhoxo ngemuva kwezinyanga ezimbili, kodwa kufanele aqhubeke nokudonsa isigwebo sakhe ‘sokungayi enkundleni ngosuku lo mdlalo’ kuze kube umhla zingama-30 kuMandulo wezi-2022, okuzohlanganisa nohambo lweNingizimu Afrika oluya e-Wales ngoNtulikazi kanye ne-Rugby Championship yowezi-2022, ” kusho inhlangano eyengamele ibhola lombhoxo emhlabeni.

U-Erasmus kanjalo ne-SA Rugby banikwe izixwayiso mayelana nokuziphatha kwabo ngokuzayo baphoqeleka ukuthi baxolise kuzikhulu ngala macala.

I-SA Rugby iphinde yahlawuliswa imali eyizi-R410,000.

Kodwa impi ayikapheli. I-SA Rugby kulindeleke ukuthi idlulise ukuvinjelwa kuka-Erasmus.

“I-SA Rugby kanye noRassie Erasmus basibonile isinqumo sekomidi lezobulungiswa le-World Rugby. Zombili izinhlangothi zikuqinisekisile ukuthi zizosebenzisa amalungelo azo ukuze zidlulise lesi sinqumo,” kusho izinhlangothi zombili esitatimendeni esihlanganyelwe.

Isitatimende sengeze ngokuthi alikho iqembu elizophinde liphawule ngalolu daba kuze kuphothulwe inqubo yesikhalazo.

Umthombo wesithombe: @TheSun

Izihloko zakamuva