Dylan Bettencourt
Ukuvinjelwa kukaRassie Erasmus ngosuku lomdlalo wezinyanga eziyi-11 akukubi kakhulu kunesinqumo i-World Rugby ebicabanga ukumnika sona.
Imibiko iveza ukuthi isigungu esilawulayo besizomisa lo owayengumqeqeshi emdlalweni engama-24 yamabhokobhoko nobekuzokwenza ukuthi u-Erasmus aphuthelwe indebe yomhlaba yonyaka wezi-2023 e-France.
U-Erasmus, umqondisi waseNingizimu Afrika webhola lombhoxo, ugxeke onompempe base-Australia uNic Berry noTMO Marius Jonker kumdlalo wokuqala wamabhokobhoko bebhekene ne-British & Irish Lions ekuqaleni konyaka.
I-World Rugby inikeze u-Erasmus ukuvinjelwa kwezinyanga ezimbili kuyo yonke imidlalo yebhola lombhoxo kanye nokuvinjelwa kuzo zonke izingxoxo zosuku zemidlalo aze abuyele ngoMandulo ngonyaka wezi-2022.
U-Erasmus utholwe enamacala ayisithupha abekwe wona lapho unompempe ethi ucekele phansi isithunzi sakhe ngesikhathi ehambisa incwadi yakhe ku-World Rugby.
“Ngichithe iminyaka eminingi ngizama ukuzakhela udumo njengonompempe bamazwe ngamazwe kanti phakathi nevidiyo yakhe efakwe ku-inthanethi, uMnumzane u-Erasmus wenze umonakalo ongenakulinganiswa,” kusho uBerry.
Imibiko iveza ukuthi lesi sikhulu “esihlukumezekile” sesizuze imali elinganiselwa kweyizi-480 000 zamarandi ebholeni lombhoxo e-Australia kusukela kwakhululwa ividiyo ka-Erasmus yemizuzu engama-62, ngokusho kwe-Rapport.
Ukuvinjelwa kuka-Erasmus kusho ukuthi uzobe engekho enkundleni namabhokobhoko ngesikhathi kuvakashe i-Wales eNingizimu Afrika ngoNtulilazi wangonyaka wezi-2022 kanye nokuphuthelwa yi-Rugby Championship ngonyaka ozayo, okuyimidlalo eyishumi.
Ibhola lombhoxo laseNingizimu Afrika kanye no-Erasmus banikezwe izexwayiso mayelana nokuziphatha kwabo nekusasa kwezemidlalo njengoba isigungu esilawula iNingizimu Afrika sanikezwa inhlawulo eyizi-410,000 zamarandi i-World Rugby. Zombili izinhlangothi kulindeleke ukuthi zifake isicelo sokuphikisa ukuvinjelwa emasontweni ezayo.