I-World Bank izokhokhela ukukhiqizwa komjovo wokugomela ukhuvethe eNingizimu Afrika

Dylan Bettencourt

I-World Bank kanye nezinhlaka ezintathu zikahulumeni waseNtshonalanga zimemezele ukuthi zizonikela ngezimali zokukhiqiza umuthi wokugoma i-Johnson & Johnson eNingizimu Afrika.

“Ngicabanga ukuthi lokhu kubaluleke kakhulu. Esikhathini esifushane, lokhu kusho ukutholakala okukhulu komuthi wokugoma, okhiqizwe e-Afrika futhi owase-Afrika,” kusho uGayle Smith, oxhumanisa isu lokugoma loMnyango Wezangaphandle eMelika.

“Lokhu kusho nokukhuphuka kwamandla ezwekazi okukhiqiza ezinye izinhlobo zemithi esikhathini esizayo.”

Le nkontileka emenyezelwe ngoLwesithathu, ilinganiselwa ukuthi ingabiza cishe izigidigidi ezingu-R10.2 kanti izokhokhela ukukhiqizwa kwemithamo eyizigidi ezingama-500 yomuthi wokugoma.

I-Aspen Pharmacare Holdings Ltd, inkampani yezemithi yaseNingizimu Afrika, izokhiqiza imishanguzo ngasekupheleni kwezi-2022.

Kuzokhiqizwa imithamo eyizigidi ezingama-30 ezosetshenziswa eNingizimu Afrika ekupheleni konyaka, kwizigidi ezingama-250 ezizokhiqizwa ngasekupheleni konyaka.

Imali yokukhiqiza umuthi wokugoma i-J & J izoqhamuka kwa-International Finance Corp, okuyinhlangano esebenzisana ne-World Bank.

Izinhlaka ezintathu zikahulumeni ezizoxhasa i-US International Development Finance Corp, i-DEG yaseJalimani kanjalo ne-Proparco SA yase-France.

Lezi yizindaba ezimnandi kubantu baseNingizimu Afrika ababone ukukhishwa kancane komuthi wokugoma okuvela kuhulumeni. Bangu-5.16% kuphela abantu abagonyiwe.

Kuzokhiqizwa imijovo yokugoma eyizigidi ezi-3, 266, 636 ukuze izigidi zabantu ezingama-30 ezihlosiwe zigonywe ekupheleni konyaka, kubaluleke kakhulu esizweni.

Umthombo wesithombe: @BusinessLIVE

Scrolla World Cup Quiz