Lucky Sithole
Kuze kube manje umqhudelwano we-Malaga wenze ukuthi i-Blitzboks idlale imidlalo enzima, okokuqala idlale ne-Scotland kwase kulandela umdlalo wayo ne-England, yashaya ama-try angu-12 yadedela eyodwa kuphela.
Badlale umdlalo oseqophelweni eliphezulu ngenkathi bedlala ne-Canada, njengoba balinde imizuzu eyishumi ukuthi kuvele ithuba ngaphambi kokushaya ama-try amabili.
Ukushaya ama-try ayishumi nane nokudedela eyodwa kuyirekhodi elihle kakhulu ngokwezinga lanoma ngubani.
Kodwa ngaphambi komdlalo wabo ne-Australia bebebhekene neqembu ebeliqhwakele phezulu ngesikhathi esifanele nelidlala ibhola lombhoxo ohamba phambili wama-sevens futhi eselidlale isikhathi eside.
Kodwa-ke ngesikhathi sesiwombe sokuqala kubonakale sengathi konke akunakugwenywa.
Nakuba umugqa wamaphuzu ukhomba ukuthi iNingizimu Afrika ishaye ama-try amabili (12-0), kodwa obekwenzeka enkundleni bekukubi kakhulu. Ukubalwa kokuhlasela kukhombisa ukuthi ama-Aussies asebenza kanjani: ama-Aussies ahlasele kawu-14 ngesikhathi iNingizimu Afrika ihlasela kanye.
Emdlalweni wabo bebhekene ne-Canada kowandulela owamanqamu, ama-Aussies awazange abe nalo ithuba lokuhlasela ngesikhathi i-Blitzboks ihlasela emgqeni we-try.
Ngesikhathi sekusele imizuzu emithathu ukuthi umdlalo uphele, ama-Aussies enze amaphutha ajwayelekile. Umdlalo wabo uphethe ngomzamo owodwa wokuthola amaphuzu ophele ngephasi eliya phambili. Usuku olunzima eqenjini le-Wallabies.
Ama-try ashaywe yilaba abalandelayo: uJC Pretorius, uMfundo Ndhlovu kanye noSelvyn Davids.
UBranco du Preez ushaye ama-conversions amabili.
Amaphuzu: iNingizimu Afrika ishaye i-Australia ngo-19-0.
➤ Ukuwina kwe-Argentina ngo-26-17 idlala ne-England kuvula impinda yalowo mdlalo ongemuhle lapho i-Blitzboks eyahlulwa khona ibhekene ne-Argentina kuma-Olimpiki ngo-2016. Ngabe sekuyisikhathi sokuziphindiselela?