Lubhalwe nguRazeen Gutta
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uGayton McKenzie ukuqinisekisile ukuthi ziyaqhubeka izingxoxo zokuletha umsizi kanompempe wevidiyo (VAR) ebholeni laseNingizimu Afrika.
Amaphutha enziwa onompempe ebholeni laseNingizimu Afrika elisezingeni eliphezulu, ikakhulukazi i-Premier Soccer League (PSL), asevule ithuba lokuletha ubuchwepheshe emdlalweni webhola eMzansi.
UMcKenzie utshele abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi izingxoxo ne-PSL kanye ne-South African Football Association (Safa) seziqalile, wathi iNingizimu Afrika akulona “izwe lomhlaba weshumi”.
“Bonke abalandeli abathanda ibhola bayazi ukuthi isikhathi se-VAR sesifikile ebholeni laseNingizimu Afrika. Sidinga i-VAR futhi siyidinga manje,” kusho uMcKenzie ku-X.
“Leyo mihlangano mayelana ne-Var iqala manje ngoba asilona izwe lomhlaba weshumi. Ngizobika maduze ngemuva kokuhlangana ne-Safa ne-PSL kuleli sonto.”
Ngasekuqaleni konyaka, u-Abdul Ebrahim, inhloko yonompempe be-Safa, utshele i-FarPost ukuthi kunesabelo-mali esenziwe se-VAR kodwa ukuqeqeshwa kwezikhulu kungaba yisithiyo.
Uqhube wathi ukuthola izimvume zokuyisebenzisa kuzoba wukhiye, nokuwuhlelo osekubhekwe ukuthi luqhubekele phambili njengoba i-Safa ne-PSL sebengena ezingxoxweni.
Esithombeni ngenhla: Umsizi wonompempe wevidiyo.
Umthombo: @wired