I-US Open ivulele abase-Russia iminyango

Dylan Bettencourt

I-US Open izovumela abavela e-Russia nase-Belarus ukuthi bangenele umqhudelwano we-Grand Slam yokugcina kulo nyaka.

Isikhulu se-US Tennis Association uLew Sherr utshele i-Associated Press ukuthi “i-US Open ngeke ibavimbe abadlali abavela kulezi zifunda ezimbili ngenxa yokungafuni ukujezisa abasubathi ngezenzo nezinqumo zikahulumeni wabo”.

Uthe abadlali abahlangani nhlobo nezinqumo zikahulumeni wabo.

“Kunezingxabano nhlangothi zombili. Ingabe bazojezela izenzo zikahulumeni wabo.”

USherr ukuqinisekisile ukuthi abadlali bazoqhudelana ngaphansi kwamafulegi angathathi hlangothi e-Flushing Meadows ngokuhamba kwesikhathi kulo nyaka.

Abadlali bethenisi bamazwe womabili bavinjelwe ukuthi bangenele umqhudelwano e-Wimbledon ngenxa yokuhlasela okuqhubekayo kwe-Russia ihlasela i-Ukraine ngaphandle uma behambisana nezidingo zabo. 

Umqhudelwano wase-Britain ozoqala ngasekupheleni kwale nyanga kucelwe ukuthi bonke abadlali base-Russia nabase-Belarus babhale incwadi egxeka ukuhlasela ukuze bakwazi ukungenela lo mqhudelwano.

Kodwa njengoba abadlali bakulesi sifunda benqatshelwe ukungena kulo mqhudelwano we-Wimbledon lo mqhudelwano angeke ube namaphuzu abekiwe okusho ukuthi izikhundla zabadlali ngeke zithikamezwe imiphumela.

I-US Open kulindeleke ukuthi iqale ngomhlaka-29 kuNcwaba e-New York njenge-Grand Slam yokugcina yonyaka.

Umqhudelwano we-Wimbledon iwona kuphela ovimbele abadlali base-Russia nabase-Belarus ukuthi bangenele umqhudelwano. 

UDaniil Medvedev ongumpetha  akafaneleki ukuyoqhudelana e-England kodwa uzogcina indawo yakhe esicongweni ngenxa yokushoda kwamaphuzu.

Ukushoda kwamaphuzu kwenze kwaba nokugxekwa okuqhamuka kubadlali abafana noNaomi Osaka osabise ngokuphuma kwi-Wimbledon.

UNovak Djokovic uphinde wathi lo mqhudelwano uyafana nokuthi abadlaleli ukuwina njengoba abadlali abathile bengakwazi ukuqhudelana futhi nemiphumela ayandisi amaphuzu abo. 

Okusho ukuthi konke okumele bakwenze ukuzuza indebe kanye nemali ehambisana nayo.

Umthombo wesithombe: @TheNewYorker

Scrolla World Cup Quiz