I-Uruguay ne-Korea Republic bahlukaniselane amaphuzu

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Omunye umdlalo obungenawo amagoli ubukelwe abalandeli beNdebe Yomhlaba ye-Fifa kanti njengamanje abasesicongweni i-Portugal ne-Ghana ngemuva kokuthi i-Korea Republic ne-Uruguay behluleke ukushaya amagoli emdlalweni wabo.

Imizuzu engu-90 kubonakale umzamo owodwa wokuzama ukushaya igoli.

Njengoba kunompetha be-Premier League abafana noSon Heung-min kanye noDarwin Nunez abasezingeni eliphezulu, abalandeli bebengalindela okungaphezulu emdlalweni obunzima. 

Ukwesaba bekugcwele umdlalo wonke kanti i-Uruguay ibisondele kakhulu ukuthola ithuba esiwombeni sokuqala ngesikhathi uDiego Godin eshaya into ecokeme.

Isiwombe sesibili besishubile futhi kucishe kwabalungela ngesikhathi uFede Valverde eshaya phezulu epalini. 

Abalandeli bame ngezinyawo futhi bekuyinto ebilindelekile njengoba umpetha we-Tottenham Hotspur, uHeung-min egeje igoli.

Mhlawumbe umphumela ubulungile kubadlali basemuva bezinhlangothi zombili. Umphumela uphinde usho ukuthi amaqembu ayisishiyagalombili manje asedlale ngokulingana emdlalweni yayo yokuvula yakulo nyaka ngaphandle kokushaya amagoli kanti lokhu akuvamile emlandweni weNdebe yoMhlaba.

Amaphuzu abiwayo  ayithuba elihle ku-Portugal kaCristiano Ronaldo kanye ne-Black Stars yase-Ghana uma la maqembu ehlangana ngoLwesine ebusuku.

Isithombe esingenhla siveza i-Korea Republic ibhekene ne-Uruguay

Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup

Scrolla World Cup Quiz