Timmy T Maranda
Ukugijima okumangalisayo kwe-Manchester City emidlalweni engama-21 elandelanayo, kanye nokunqoba okungama-28 ingahlulwa kuyo yonke imincintiswano, sekuphelile.
I-Manchester United ikwazile ukwephula umjaho we-Manchester City obubonakala ungenakunqotshwa ngamagoli amabili eqandeni ngokunqoba kwi-EPL derby ngeSonto e-Etihad Stadium.
I-United isike isikhala saba ngamaphuzu ayi-11 etafuleni le-log , sekusele imidlalo eyi-10 kuphele isizini.
UBruno Fernandes unqamule umjaho wezivakashi ngephenathi, ngemuva kokuthi uGabriel Jesus enyathele u-Anthony Martial cishe umzuzu owodwa umdlalo uqalile.
I-Citizens iqhubeke nokuhlola ifuna yokulinganisa nokwakha kabusha. Kodwa i-United ekuhambeni ibivike kakhulu ngaphambi kokuya ekhefini.
Esiwombeni sesibili, i-United iqhubekile nokufaka ingcindezi nokudlala ku-counter attack. Ama-Red Devils aklonyelisiwe ngesikhathi umdlali wasemuva uLuke Shaw eqeda kahle kakhulu phakathi ebhokisini ukubeka umphumela ngokungangabazeki.
Ukuhlasela okunamandla kwe-City akukwazanga ukudiliza isivikelo se-Manchester United esiholwa nguHarry Maguire.
“Kuhlezi kunzima ukudlala ne-Manchester City ngoba baluyalwazi ibhola kodwa namuhla besidlala kahle kakhulu,” kusho uFernandes etshela i-Manchester United TV ngemuva komdlalo.
“Umphumela ubaluleke kakhulu kithina, kodwa okwamanje akusikhona ukunqoba uma sidlala ne-City kodwa ukwenza kahle kuze kuphele isizini.”
Umthombo wesithombe: @ManchesterUnited