I-Unisa “ayinamsebenzi”

Kamogelo Muvhenzhe

Unyaka nonyaka i-Unisa iba nezinkinga zokubhalisa, kodwa kulo nyaka, iNyuvesi yaseNingizimu Afrika ibukeka ifinyelele ezingeni eliphezulu lokungenzi kahle.

Abanye abafundi abakatholi izinto zokufunda, kanti abanye abakwazanga ukuqeda ukubhalisela inyuvesi. Abanye, okwamanje, abazitholanga izibonelelo zabo zezincwadi.

I-#UselessUnisa ibonakale kuma-tweets angaphezu kwayizi-5 000.

“Inyuvesi ayinendaba nekusasa lethu,” kubhala omunye umsebenzisi, obonakala efingqa umqondo jikelele wenhlangano yabafundi.

Laba bafundi bathi i-National Student Financial Aid iqinisekisile kubo ukuthi izibonelelo zabo zikhishelwe i-Unisa, nokho akukho okuvelile ohlangothini lwenyuvesi.

“Nginemisebenzi eyishumi okumele ngiyihambise mhla ziyi-15 kuNhlaba ngoMeyi, kodwa anginaso isibonelelo, anginazo izincwadi ezidingekayo noma i-laptop,” kubhala umfundi ku-Twitter.

Omunye ubhale ukuthi, “Ukubhaliswa akuphothulwanga, kubhaliswe okwesikhashana kusuka ngoMasingana.”

NgoMsombuluko ebusuku, abanye abafundi balale e-Winnie Mandela Building yasenyuvesi, bethi bazoqhubeka nokwenza lokhu baze bathole okufanele bakuthole.

Iningi lezabelo zemfundo lufuneka ngoLwesithathu, kanti abafundi bafuna ukuthi lolu suku luhlehliswe baze babe nezinto zabo zokufunda.

Umkhandlu omele abafundi (i-SRC) manje uthi ucabanga ukuthathela lesi sikhungo izinyathelo zomthetho mayelana nokulibaziseka ekwamukelweni kwabafundi ngonyaka wezi-2021.

Ngowezi-2020, i-Unisa yabhalisa abafundi abangaphezu kwabayizi-80,000 yize babeka inani elaliyizi-57,000.

UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uBlade Nzimande, uyalele lesi sikhungo ukuba sinciphise inani labazofunda okokuqala ngqa ngowezi-2021 ngabafundi abayizi-20 000 ukuze bathole abafundi  abangeqile kulabo bangowezi-2020 kodwa iNkantolo eNkulu yase-North Gauteng e-Pitoli yanquma ngomhla ziyi-11 kuNdasa ukuthi isinqumo sikaNgqongqoshe besingekho emthethweni.

Izihloko zakamuva