I-UN iqoke uNgqongqoshe wezeMpilo wase-UK ukuthi ahole i-Afrika ekululameni ku-Covid

Arthur Greene

INhlangano Yezizwe idonse ulaka olukhulu ngemuva kokuqoka owayenguNgqongqoshe wezempilo e-UK uMatt Hancock ukuba asize ekululameni kwe-Afrika kubhubhane  lwe-Covid-19.

UHancock, oshiye isikhundla sakhe ngehlazo ngoNhlangulana ngemuva kokuputshuka kwevidiyo yakhe eqabula umsizi wakhe ngesikhathi somvalelo, uthe “uyabonga” ngokuqokwa njengommeleli okhethekile we-UN.

Kodwa-ke, abakhankasi bachaze ukuqokwa kwakhe “njengento ecikayo” njengoba owayenguNgqongqoshe wezempilo edlale indima enkulu ekuvimbeni amazwe asathuthuka emhlabeni ukuthi akhiqize imithi yawo yokugoma.

“UHancock usize ukuvimba imizamo yamazwe omhlaba yokuvumela amazwe anemali ephansi naphakathi ukuba akhiqize imishanguzo yawo yokugomela i-Covid-19, okuholele ekushoneni kwezigidi eningizimu yomhlaba wonke,” kusho uNick Dearden, umqondisi weqembu lomkhankaso i-Global Justice Now.

“Isibindi sale ndoda ethi isize amazwe ase-Afrika futhi yagqugquzela intuthuko esimeme, siyanengisa,” kusho uDearden.

Kodwa i-UN ngaphansi kukaNobhala-Jikelele uVera Songwe ithe “bekuyimpumelelo” kaHancock ekuholeni impendulo yobhubhane e-UK okumenze waba ngumuntu olungele lo msebenzi.

Uthe “ukusheshiswa kwemithi yokugoma okuholele i-UK ukuthi isheshe iye ekubuyiseni umnotho, ngesinye sezici zamandla okuletha kule ndima”.

Kodwa-ke, isimemezelo sikaSongwe siza ngesonto elifanayo lokuthi impendulo eyinhlekelele yase-UK kulesi sifo iqinisekiswe embikweni wamalungu ePhalamende.

Umbiko okubeke kwacaca uchaze lolu bhubhane “njengokunye ukwehluleka kwezempilo komphakathi okwake kwenzeka e-UK”.

Ngenkathi echazwa ngumphathi wakhe, uNdunankulu uBoris Johnson, “njengomuntu ongenathemba ngokuphelele”, isikhundla sikaHancock njengonNgqongqoshe wezempilo sasigcwele ukwehluleka.

Yize ethi wafaka “isihlangu” emakhaya asebekhulile ngesikhathi segagasi lokuqala ngowezi-2020, kamuva wasolwa ngokubuyisela emuva abantu abatheleleke ngegciwane emakhaya abo okunakekelwa.

NgoNcwaba ngowezi-2020, uMnyango wezeMpilo wathenga izifonyo zenani eliyisigidigidi esisodwa samarandi kwavela ukuthi ngeke zisasebenziseka, futhi ngaleso sikhathi abezempilo babethunyelwe ukuyolapha iziguli ze-Covid ngaphandle kwe-PPE.

Phakathi kokunye ukuhluleka kukaHancock kunezinsolo zokuthi uMnyango wakhe uthengise izinkontileka ze-PEP ezingabiza izigidi zamarandi enkampanini ephethwe ngumngani wakhe.

Umthombo wesithombe: @nightsofmagic

Izihloko zakamuva