I-UN igxeka olubhekiswe kwabaphuma kwawangaphandle

Arthur Greene

INhlangano Yezizwe (i-UN) isikugxekile ukwanda kwezenzo zodlame okwenziwa ngabantu baseNingizimu Afrika kubalingani babo abaqhamuka emazweni angaphandle. 

Lokhu kulandela ukubulawa kabuhlungu kuka-Elvis Nyathi odabuka e-Zimbabwe ebulawa e-Diepsloot esifundazweni sase-Gauteng ngoLwesithathu olwedlule.

Ibamba lomphathi kuleNhlangano Yezizwe u-Ayodele Odusola esitatimendeni uthe izenzo zodlame olubhekiswe kubantu abaqhamuka kwamanye amazwe aluvumelekile futhi angeke balubekezelele.

“Kuyakhathaza kakhulu futhi kuyishwa ukuthi lokhu kwenzeka ezweni elinoMthethosisekelo obandakanya wonke umuntu emhlabeni,” kusho u-Odusola esitatimendeni.

Uqhube wazwakalisa ukukhathazeka ngezenzo zezinhlangano ezimelene nabantu abaqhamuka emazweni angaphandle ezifana ne-Operation Dudula ezidlondlobala ezweni lonke.

“Esikhathini esidlule siphawule ngokukhathazeka okukhulu njengoba izinhlangano ezifana ne-Operation Dudula ziphoqa ngokungemthetho abantu okusolakala ukuthi baqhamuka emazweni angaphandle abangenazo izincwadi ezisemthethweni ezibagunyaza ukuhlala kuleli lizwe.

“Imicabango yethu inomndeni kaMnu uNyathi nayo yonke imindeni ehlaselwe udlame olufanayo ezinyangeni ezedlule.”

UNyathi ongubaba wezingane ezine ushaywe waze washiswa isixuku sabantu ebesiqaphe e-Diepsloot kulandela imashi ebiholwa ngumholi we-Operation Dudula uNhlanhla Lux Dlamini ngoLwesithathu.

Isimo besishubile kuleli lokishi ezinsukwini ezandulela ukubulawa kukaNyathi njengoba izakhamuzi bezikhalela ukubulawa kwezakhamuzi eziyisikhombisa ngobusuku obubodwa bempelasonto.

Imibhikisho yasekuqaleni kwesonto ihlangatshezwe inkulumo kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu uBheki Cele othembise ukwanda kwamaphoyisa kuleli lokishi.

Esitatimendeni sakhe uveze ukuthi u-Odusola wathi kumele avikelwe amalungelo awo wonke umuntu waseNingizimu Afrika okuhlanganisa abantu abaqhamuka kwamanye amazwe abafuna ukukhoseliswa kuleli. 

Uphinde wahamba emazwini kaMengameli uCyril Ramaphosa owasho ngesonto eledlule ukuthi “Njengezwe elaziwa ngokubekezela, ukuhlonipha, ukungazwani nokucwasa akumele nanini sivumele ukuhlukunyezwa kwabantu abavela emazweni angaphandle kwemingcele yethu.”

Scrolla World Cup Quiz