Dylan Bettencourt
INyuvesi yaKwaZulu-Natali ixolisile kulabo ababefake izicelo zokufunda khona kodwa zanqatshwa ekubeni sebathola imiyalezo ebavumela ukuzofunda kulesi sikhungo.
Iningi labafundi bathole umyalezo othi bavumelekile ukuzofunda kulesi sikhungo, ngokuhamba kwesikhathi baphinde bathola umyalezo ovela enyuvesi ihoxisa isicelo sokubavumela ukuthi bazofunda kulesi sikhungo e-Howard, eThekwini.
“Umyalezo ubuthi, kungenzeka ukuthi uthole incwadi nge-email namuhla ekuvumela ukuthi uzofunda kulesi sikhungo, sicela ukuxolisa ukuthi lokhu kube iphutha lobuchwepheshe futhi nesicelo sakho asizange siphumelele. Siyaxolisa ngokuphazamiseka okudalwe ilokhu,” ngokusho komyalezo.
UMandisa Maphumulo, osize umzala wakhe ngokufaka isicelo sokufunda e-UKZN uthe baphoxeke kakhulu ngokuthola lo myalezo.
“Umzala wami wayefuna ukwenza izifundo ze-industrial psychology. Uthuke washawa uvalo ngesikhathi ethola umyalezo nge-SMS othi isicelo sesihoxisiwe. Angizange ngiyikholwe ngoba okokuqala ngibhekana nento efana nalena,” kusho uMandisa obhale ku-Facebook wakhe.
Emuva kokuthi uMaphumulo ebhale ngosizi lwakhe ezinkundleni zokuxhumana, baningi abafundi abaqhamuke bethi nabo behlelwa into efanayo.
Isikhulu ehhovisi lezokuXhumana e-UKZN, uNormah Zondo, uwuqinisekise umyalezo wathi inyuvesi izisola kakhulu ngaleli phutha.
“Incwadi yesicelo evumela ukuthi uzofunda kulesi sikhungu bekumele ithunyelwe kumfundi oyedwa kuphela kodwa yathunyelwa ngephutha kubafundi abaningi,” kusho uZondo.
I-UKZN inethemba lokubhalisa abafundi cishe abangu-46,000 onyakeni ka-2022 kanti kule nyuvesi kusazofundwa online ngenxa yesimo se-Covid-19. Isigamu sokuqala sonyaka kuhlelwe ukuthi siqale ngomhlaka-14 kuNhlolanja.
Umthombo wesithombe: @TimesLIVE