I-Ukrane imangaze abaningi inenebula i-Scotland

Dylan Bettencourt

I-Ukraine isisondele kowamanqamu weNdebe yoMhlaba ye-Fifa ngemuva kokuhlula i-Scotland ngamagoli amathathu kwelilodwa ngoLwesithathu ebusuku.

I-Ukraine ibidlala umdlalo wayo wokuqala wokuncintisana selokhu yahlaselwa i-Russia ngomhlaka-24 kuNhlolanja.

Kube nokukhathazeka ngokuthi iqembu eligqoka imbala ophuzi lizodlala ngezinhliziyo, kodwa abadlali base-Ukraine basebenzise imizwa yabo ngendlela efanele.

I-Ukraine idlale ngokuzimisela futhi ibukeka iyingozi ekuhlaseleni.

Umhlaba wonke ubulindele ukuthi i-Ukraine ithole umphumela omuhle e-Scotland futhi lokho kwenzekile ngemuva kokuthi u-Andriy Yarmolenko ethole igoli.

Lo mdlali wasesiswini we-West Ham United ukhombise iqhinga elimangalisayo lokweqisa ibhola phezu kukanozinti we-Scotland ukuze kuhlokome abalandeli enkundleni.

Lo mdlalo nakuba ubudlalelwa e-Scotland bazizwe bedlalela ekhaya e-Ukraine indlela abalandeli ababaseke ngayo.

I-Ukraine iye ekhefini ishaye igoli elilodwa futhu bebenethemba lokuthi lokhu kunqoba kuzokhuthaza abasemuva.

Ngaphandle komphumela ukudlala kulo mdlalo kukodwa kukhombise amandla amakhulu nokuzimisela okuvela e-Ukraine njengoba impi yayo ne-Russia isaqhubeka.

Isizwe esikhungethwe izingxabano siqale isiwombe sesibili ngothando nolaka olufanayo, futhi kwathela izithelo ngemuva kwemizuzu emine lapho uRoman Yaremchuk eshaya elesibili le-Ukraine.

Nokho ngesikhathi umdlalo usuya ngasemaphethelweni i-Ukraine ibifuna ukuzivikela ivale wonke amakhona njengoba ibibheke kowamanqamu eNdebe yoMhlaba, kodwa i-Scotland ivele yabuya ngegoli elilodwa.

UCallum McGregor ushaye igoli sekusele imizuzu eyishumi ukuthi umdlalo uphele kanti izihlwele zase-Hampden Park zazizwa zibuyelwa ithemba.

Bekungesona isikhathi se-Scotland kulokhu njengoba i-Ukraine inqobe umdlalo ngesikhathi u-Artem Dovbyk efaka elinye ngomzuzu wokugcina womdlalo.

I-Ukraine iqede umdlalo ngamagoli amathathu kwelilodwa

I-Ukraine manje isizoba nethuba lokugcina lokuzibekisela indawo e-Qatar kwiNdebe Yomhlaba lapho isibhekene ne-Wales ngeSonto enkundleni yase-Cardiff City.

Abadlali base-Ukraine bathi bebenethemba lokuthi imizuzu engu-90 bazokwenza abalandeli babo bakhohlwe kancane impi bajabulele ukuphumelela kwezwe labo hhayi e-Ukraine kuphela kodwa emhlabeni wonke.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva