Dylan Bettencourt
UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky uthi izwe lakhe lizocela izikhali ezinzima eMelika ezizobasiza ukuze inqobe i-Russia.
Ongqongqoshe bezokuVikela eMelika u-Antony J. Blinken noLloyd Austin ngokusho kukaZelensky, bayasibheka isicelo sabo.
UMengameli wase-Ukraine uthe iMelika kanye ne-United Kingdom ibibaseka kakhulu selokhu kwahlasela i-Russia ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Wengeze ngokuthi uzobhala uhlu lwezikhali azidingayo futhi uzoluthumela kuMengameli waseMelika uJoe Biden ngeSonto.
Ngenkathi encoma abaholi abambalwa base-Europe abathathe uhambo lokuya ezweni elikhungethwe izimpi ubenethemba lokuthi noMengameli uBiden uzoza e-Ukraine.
I-Ukraine ibingadingi izithombe eziletha ubuhlungu,” kusho uMengameli kodwa kunalokho izocela izindiza nezimoto eziwuhlobo lombayimbayi eMelika.
I-Russia ithe ukuhlasela kwayo i-Ukraine yayenzela ukususa lelizwe lase-Ukraine ngaphansi komthetho wama-Nazi.
UZelensky ongumJuda uthe lokho kwakuwukuzenzisa eqhathanisa nenqubo yama-German fascist anqoba i-Europe eminyakeni engu-80 edlule.
“Lawa ngama-Russian Nazis bayohlala njalo bebhalwe emabhukwini omlando njengabantu bangaphandle,” kusho uZelensky.
I-Ukraine ibonakalise amandla empini yayo ne-Russia. Ukuzivikela kwabo kusekelwe abaningi okuhlanganisa neMelika ethembise u-R12.5-billion wezikhali e-Ukraine.
UMengameli uBiden uthe uzocela i-Congress yaseMelika imali eyengeziwe yokunikela futhi ithumele ezinye izikhali ezingu-144,000 nezinhlamvu kanye nama-drones ezinsukwini ezizayo.
“Isimo sibucayi njengamanje njengoba bezobeka inkundla yesigaba esilandelayo sale mpi,” kusho uBiden.
Uthe iMelika kanye nabalingani bayo basebenza ngokushesha ukuze banikeze i-Ukraine izinsiza ezidingekayo ukunqoba i-Russia.
Ngemuva kwezinyanga ezimbili zokuhlasela isibalo sokushona kwabantu e-Ukraine sibalelwa ku-2,345 okuyisibalo okulindeleke ukuthi sikhuphuke ekuhambeni kwesikhathi.
Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes