I-Ukraine Football Association isicele ngokusemthethweni ukuthi i-Fifa ikhiphe i-Iran kwiNdebe yoMhlaba ezoba e-Qatar.
I-Ukraine ikholelwa ukuthi i-Iran yephule i-United Nations (UN) Security Council Resolution 2231 ngokunikeza i-Russia izikhali ngesikhathi ihlasela isizwe sayo.
Ikomidi eliphezulu lase-Ukraine likholelwa ukuthi i-Iran yephule imithetho ye-Fifa ebophezela izinhlaka ezilawula ibhola ukuthi zihloniphe amalungelo abantu futhi zilwe nokucwaswa.
Uchungechunge lwemibhikisho ebulalayo lusabalale kulo lonke elase-Iran kulandela ukushona kuka-Mahsa Amini oye waboshwa waphinde washaywa ngokugqoka i-hijab yakhe “ngendlela engafanele.”
Isitatimende esivela kwi-Ukraine FA sigcizelele izizathu zenhlangano ebusayo enomuzwa wokuthi i-Iran kufanele ikhishwe kulo mqhudelwano.
Lokhu kuhlanganisa imininingwane yabezindaba mayelana nokuhlukunyezwa okuhleliwe kwamalungelo abantu, ukwephulwa kwezimiso ze-Fifa, isinqumo se-UN mayelana nezijeziso ze-Iran kanye nokubandakanyeka kwe-Iran ohlelweni lwamasosha ase-Russia olubhekiswe kwi-Ukraine.
“Sicela ukuthi i-Fifa ikhiphe iqembu lesizwe lase-Iran kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa yakulo nyaka,” kufundeka isitatimende seNhlangano yeBhola yase-Ukraine.
I-Iran iseqoqweni leNdebe yoMhlaba ne-England, i-Wales kanye neMelika.
Mancane amathuba okuthi i-Iran ikhishwe kulo mqhudelwano njengoba kusele amasonto nje kuphela ukuthi umqhudelwano uqale.
Iqembu ngalinye lezwekazi linemikhawulo yalo yokuthi mangaki amaqembu angafaneleka kanti ukususa iqembu lase-Asia kuzobe kusho ukuthi kuzolethwa elinye iqembu lase-Asia.
I-Ukraine FA iphinde yafuna ukuthi i-Russia ikhishwe njengelungu le-Fifa kanye ne-Uefa.
I-Russia ivaliwe emiqhudelwaneni ye-Fifa kanye neye-Uefa kusukela kuqale impi kodwa kuze kube yimanje ayikaxoshwa njengelungu.
Isitatimende se-Ukraine FA siveze izenzo zeNyunyana yeBhola yase-Russia ezimayelana nokuhlanganiswa kwamaqembu ebhola kanye nemifelandawonye evela ezindaweni ezihlaselwe e-Ukraine emiqhudelwaneni yase-Russia.
Lesi sitatimende sicele ukuthi i-Fifa kanye ne-Uefa bafake unswinyo kwi-RFU ngendlela yokuthi iphucwe ubulungu kulezi zinhlangano.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: Iqembu lebhola lase-Iran
Umthombo wesithombe: @TehranTimes