I-UK nemigoqo yokunqanda ukugembula

Dylan Bettencourt

Abadlali bebhola kanye nosaziwayo bavinjelwe ukuvela ezikhangisweni zezinkampani zokugembula e-UK. 

Lokhu kwiyizinkomba zokulwa nesifo sokuthanda ukugembula e-UK.

Ukugembula kwenza ingxenye enkulu kwizinkampani zezemidlalo futhi lezi zinkampani zisebenzisa abantu bezemidlalo ukuze bagunyaze umkhiqizo wabo. Kodwa umlawuli wezokukhangisa wase-UK ukuqede nya lokho kuleli sonto.

“Ngeke kusaba umdlali webhola lezinyawo osezingeni eliphezulu noma abanye abantu bezemidlalo abasezingeni eliphezulu abazovezwa ezikhangisweni zezinkampani zokugembula,” kusho uShahriar Coupal, umqondisi wekomidi lokusebenza nelokukhangisa.

“Ngeke kusaba osaziwayo abakhangisa ezinkundleni zokuxhumana noma osaziwayo komabonakude abaheha abantu ukuthi bagembule. Futhi azisekho izikhangiso zokugembula ezinezithombe zomdlalo wevidiyo noma umdlalo ojwayelekile ezimpilweni zezingane eziningi.”

Ushintsho lusungulwe ukuze kuvikelwe amaqembu aneminyaka engaphansi kwa-18 kanye namaqembu asengozini.

Izihlabani zezemidlalo ezinjengoCristiano Ronaldo noma uJose Mourinho ezivela esikhangisweni zokugembula zingase zikhuthaze intsha ukuba igembule, njengoba uhulumeni ekholelwa ilokho.

Le mithetho emisha ivimbele izikhangiso zokugembula ukuthi zisebenzise amajezi ebhola noma izinkundla ezithile kanye nanoma ikuphi okuheha abalandeli.

Lezi zinguquko zemithetho zizoqala ukusebenza ngoMfumfu, ngaphambi kweNdebe Yomhlaba yase-Qatar, okuwumcimbi ohlale udonsa imali eningi ezinkampanini zokubheja.

Iziphathimandla zokukhangisa e-UK bezihlose ukuvimbela amaqembu ukuthi angakwazi ukusebenzisa izinkampani zokugembula njengabaxhasi beqembu kodwa abazange baphumelele emizamweni wabo.

Ingane e-UK isikwazi ukubuka okungenani izikhangiso ezimbili zokugengula ngesonto, okuyisibalo esiphansi kunazo zonke esibe khona eminyakeni engaphezu kweshumi.

Imithetho yamanje ibeka ukuthi akekho umuntu oneminyaka engaphansi kuka-25 ongavela ezikhangisweni zokugembula.

Umthombo wesithombe: @CityAM

Scrolla World Cup Quiz