Arthur Greene
I-UK imemezele ngoLwesine ukuthi izobuyisa u- £ 4 million (imali engaphezu kwezigidi ezingama-R83) wezimali ezebiwe e-Nigeria – esivumelwaneni esiyingqophamlando sokubuyisa izimpahla ezithathwe ezigebengwini.
Le mali yebiwe owayengumphathi wombuso wase-Nigeria, uJames Ibori kanye nabalingani bakhe besifunda se-Delta ecebe ngamafutha.
Isamba semali okusolwa ukuthi yebiwe ngu-Ibori ibalelwa kweyizigidi eziyi-R3.3, ngokusho kohlaziyo olwenziwe yinhlangano esiza abalwa nenkohlakalo yase-UK, okusho ukuthi izigidi ezingama-R83 ezizobuyiselwa e-Nigeria ziyingcosana nje yalokhu okwebiwe.
Ngokusho kwe-UK Foreign Office, imali ebuyiswayo izosetshenziselwa ingqalasizinda nemisebenzi yokwakha yabantu base-Nigeria.
U-Ibori phambilini wanikezwa isigwebo seminyaka eyi-13 ngowezi-2012 ngemuva kokuvuma kwakhe amacala ayishumi obugebengu mayelana nokwabiwa kwemali enkulu yomphakathi ngesikhathi esethathe izintambo kabili njengombusi wesifunda sase-Delta.
Ukugwetshwa kwakhe kukhombe ukuphela kwenqubo ekhishiwe yokubuyisela kwamanye amazwe nokubalekela ukuboshwa e-Nigeria.
Wabuye wakhululwa ngowezi-2016 futhi washiya i-UK ngowezi-2017.
Kodwa-ke, isicelo esingaphumelelanga ngowezi-2018 sisuse indlela yokuthi kuthathwe impahla yakhe yase-UK nokubuyela kwabo e-Nigeria.
U-Ibori uyisibonelo esivelele sezikhulu ezikhohlakele ezithatha izimali zikahulumeni wase-Nigeria, bese bezibolekisa emazweni afana ne-UK.
Inani elilingana nezigidigidi zamaRandi, obekufanele libe nomthelela ekusetshenzisweni kwemali yomphakathi wase-Nigeria, esikhundleni salokho lisetshenziswe ngabaculi base-Nigeria ukwakha amaphothifoliyo nempahla eningi.
UNgqongqoshe wase-Afrika e-UK, uJames Duddridge, uthe: “Uma imali intshontshwa ezikhwameni zomphakathi ishaya kakhulu imiphakathi empofu futhi isho ukuthi imali ayikwazi ukusetshenziswa lapho idingeka khona kakhulu.”
Ukubuyiswa kwalezi zimali kulandela isivumelwano esenziwe ngonyaka wezi-2016 yila mazwe amabili ehlose ukubuyisela imali eyayithathiwe yokufumbathisa noma inkohlakalo e-Nigeria. Ngokubuyiselana, i-Nigeria yenziwa ukuthi izibophezele ekusetshenzisweni okusobala kwezimali ezibuyisiwe.