Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Uefa isizimisele ngokushintsha imithetho yayo yokudlala ngokulingana ngokwezimali kulandela ukubhubhudlwa kwemali okwenziwe i-Chelsea ethenga abadlali iphinde ibasayinise izinkontileka zesikhathi eside.
Ngemuva kokuthi uTodd Boehly athathe izintambo eqenjini ngonyaka odlule, iqembu lama-Blues selisebenzise imali engaphezu kuka-£420 million (R8.4 billion) ekuthengeni abadlali abasha okuyinani elikhulu ukwedlula wonke amaqembu emhlabeni.
Ngesikhathi lithumela ama-akhawunti, izimali zokudluliselwa komdlali zivezwa phakathi nesikhathi senkontileka yomdlali kanti ingakho i-Chelsea ikwenze kwalula ukweqa imithetho.
Isibonelo nje, ukusayinwa kukaMykhailo Mudryk ngo-£89 million (R1.7 billion) kuzoqoshwa ngokusetshenziswa kwemali engu-£11 million (R220 million) ngonyaka, lokhu kuzokwenziwa phakathi nenkontileka yakhe yeminyaka eyisishiyagalombili nesigamu.
Kulandela ukuthandwa kukaRaheem Sterling, uMarc Cucurella, uWesley Fofana kanye noPierre-Emerick Aubameyang ehlobo, laba ngabadlali abasayiniswe i-Blues eceleni kukaMudryk ewindini lokuthengiswa kwabadlali kuMasingana:
– UJoao Felix ubolekwe i-Atletico Madrid ngemali engu-£9 million (R190 million)
– UBenoît Badiashile wase-Monaco ubolekwe ngo-£35 million (R700 million)
– UNoni Madueke ovela ku-PSV ubolekwe ngo-£30 million (R600 million)
– U-Andrey Santos we-Vasco DA Gama ubolekwe ngo-£13 million (R260 million)
– UDavid Datro Fofana wase-Molde ubolekiswe ngo-£10 million (R200 million)
Umthetho omusha uzoqala ukusebenza ekupheleni kwesizini lokhu kuzosho ukuthi zonke izimali zokudlulisa abadlali kumele zikhokhwe phakathi neminyaka emihlanu.
Imali ingasetshenziswa phakathi naleso sikhathi, kungakhathaliseki ubude benkontileka.
Kusukela kulo nyaka amaqembu azovunyelwa kuphela ukusebenzisa u-90% wemali engenayo ngonyaka wekhalenda kumaholo nemali abayithola ngokudlulisa abadlali. Lokhu kuzophinde kwehle kuye ku-80% ngo-2024 ngaphambi kokuhlala kwinani lokugcina elingu-70% ngo-2025.
Isithombe esingenhla: Todd Boehly
Umthombo wesithombe: @LDNFootball