Isikhulu sesine esisolwa ngokucwasa ngokwebala emdlalweni wangoLwesibili we-UEFA Champions League singazithola sesisenkingeni.
Inhlangano eyengamele ibhola e-Europe i-UEFA ikuqinisekisile ukuthi isivule inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe emdlalweni obuphakathi kwe-Paris Saint-Germain ne-Istanbul Basaksehir ngesikhathi abadlali behamba beyobhikisha ngemuva kokuthi iqembu lase-Turkey lisole isikhulu somdlalo ngokucwasa ngokwebala.
I-UEFA iqoke umhloli we-Ethics and Disciplinary ukuthi aphenye ngalesi sehlakalo. Uphenyo olunjalo lokuqondiswa kwezigwegwe lungaholela ekujezisweni. Izikhulu zemidlalo zihlanganiswa yimithetho ye-UEFA esetshenziswa njalo ukujezisa amakilabhu nabadlali.
Lesi sigameko senzeke ngemuva kwemizuzu eyi-13 kuqale umdlalo ngesikhathi iphini lomqeqeshi we-Basaksehir uPierre Webo enikezwa ikhadi elibomvu ngokubhikisha ngesinqumo sikanompempe. Uhlangothi lwase-Turkey lube selusola ukuthi isikhulu sesine sase-Romania uSebastian Coltescu wasebenzisa igama lokucwasa ebhekise kwabase-Cameroon.
Abadlali bamaqembu womabili bashiye inkundla ngemuva kwemizuzu engaba yishumi yezingxoxo nonompempe wase-Romania u-Ovidiu Hategan.
Izithombe ezisabalale kumabonakude zibonisa uColtescu ethi ngesi-Romania: “Omnyama laphaya. Hamba uyobheka ukuthi ungubani. Omnyama laphaya, akumele kwenzeke kanjalo.” Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uWebo abhikishe ngenkani ephikisana nesinqumo sikanompempe.
Kumdlalo ofanayo umgadli we-Basaksehir uDemba Ba naye uzwakala ephindelela ebuza unompempe uHatega: “Kungani ethe negro? Kungani uma usho umuntu omhlophe uthi lowomuntu. Kodwa uma ukhuluma ngomuntu omnyama uthi loya muntu omnyama laphaya. Kungani? “
Igama lesi-Romania lomuntu omnyama lithi “negru”.
Umdlalo ugcine wenzeke izolo ebusuku. I-PSG inqobe ngamagoli amahlanu kwelilodwa manje iphakathi kwamaqembu azodlulela emncintiswaneni we-last 16. Umdwebo we-last 16 uhlelelwe uMsombuluko e-Nyon, e-Switzerland.
Amaqembu afanelekela ukudlala kwi-Champions League, ye-last 16, yilawa:
I-Bayern Munich, i-Atletico Madrid, i-Real Madrid, i-Borussia Gladbach, i-Manchester City, i-FC Porto, i-Liverpool, i-Atalanta, i-Chelsea, i-Sevilla, i-Borussia Dortmund, i-Lazio, i-Juventus, i-Barcelona, i-PSG ne-RB Leipzig.