I-Uefa isolwa ngesiphithiphithi kowamanqamu we-Champions League 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-Uefa ivumile ukuthi izobhekana nezigigaba ezinyantisa igazi ezenzeka e-Stade de France e-Paris kowamanqamu we-Champions League ngesizini edlule.

Inhlangano kanobhutshuzwayo yaseYurophu iqale yazama ukusola abalandeli be-Liverpool ngemuva kokusetshenziswa kwesisi esikhalisa unyembezi ezihlweleni izinkulungwane zabantu enkundleni.

Inhlangano yebhola yaseYurophu kamuva yagunyaza uphenyo oluzimele ngalezi zigameko. Imiphumela evezwe ngoLwesibili iveza ukuthi ukungawuphathi kahle umdlalo kwe-Uefa  yikhona okuyimbangela.

Isibonakaliso sokuqala senkinga kwakuyindlela yokubambezeleka kwemizuzu engu-40 ukuqala kanye nochungechunge lwemiyalezo engamanga ekhonjiswe kwizibuko zenkundla.

Isitatimende sangalolo suku sathi ukuqala sekwephuzile kudalwe ukubambezeleka kwabalandeli – okuyinto manje ebizwa ngokuthi “ayilungile ngokusobala” embikweni we-Uefa oputshuzwe amaphephandaba amaningi ase-Europe.

“Ithimba liphethe ngokuthi i-Uefa, njengomnikazi woqhudelwano iyona enecala ngokwehluleka okucishe kwaholela enhlekeleleni,” kusho umbiko.

“Izinkulumo ezimayelana nenani elikhulu labalandeli ababengenamathikithi, nalabo ababenamathikithi omgunyathi zikhuliswe ngokungafanele kwaphinde kwathiwa ziyiqiniso ukuze kuphazanyiswe umthwalo wemfanelo wokwehluleka ukuhlela nokusebenza kwababambe iqhaza.”

“Lokhu kuyicala futhi kubandakanye i-Uefa, i-Uefa Events SA (inhlangano ehlela imicimbi ye-Uefa), i-FFF, i-Préfecture de Police, izikhulu zikahulumeni kanye noNgqongqoshe base-France.”

Iqembu lebhola i-Liverpool lisebenze kanzima ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezedlule ukuqinisekisa ukuthi abalandeli bayo abanacala, yaqopha ubufakazi obungaphezulu kuka-9,000 obuvela kubabukeli ukuthola ukuthi kwenzekeni ngempela.

Manje iqembu selikhombise ukungenami ngendlela  i-Uefa eyakhipha ngayo imiphumela lakubiza ngokuthi “kuyinto ephoxa kakhulu.”

“Kuyadumaza kakhulu ukuthi umbiko obaluleke kangaka,  ezimpilweni zabalandeli bebhola kanye nokuphepha kwekusasa kufanele kuputshuzwe futhi kushicilelwe ngale ndlela,” kusho isitatimende se-Liverpool FC.

“Sekuphele izinyanga ezingaphezu kweziyisishiyagalombili zomsebenzi wethimba elizimele kanti kulungile futhi kufanelekile ukushicilela okuqukethwe umbiko kubasekeli bethu ngendlela efanele.”

“Sizolinda ukuthola ikhophi futhi siyicubungulisise kahle ngaphambi kokuthi senze okunye ukuphawula.”

Esithombeni esigenhla: Abalandeli be-Liverpool e-Paris 

Umthombo wesithombe: @lfctransferroom

Izihloko zakamuva