I-UEFA isihoxise ijezi elinesithombe sezinyoni ezintathu

Dylan Bettencourt

Iqembu lebhola i-Ajax eligqoka ijezi elinesithombe sika-Amsterdam Bob Marley –  selihoxiswe i-UEFA ngenxa yento abayibiza ngokuthi “izithombe ezingahambisani nomthetho wesigungu sebhola”.

Ijezi, elidayise ngokushesha kungakapheli nomzuzu owodwa likhishiwe ngoNcwaba, lifake isikhumbuzo somculi uBob Marley sezinyoni ezintathu kwisiphika sesikibha.

Umbhalo okuleli jezi uqhamuke ngenxa yengoma ethi-Three little Birds, okwathi ngokuhamba kwesikhathi le ngoma yathathwa njengengoma ethandwa ukuculwa iqembu. 

Iwebhusayithi ye-Ajax ichaze isinqumo se-UEFA yathi “I-UEFA ibona lokhu njengokuveza imizwa ehlukene kunokuba kube uphawu lweqembu, noma i-logo clothing noma i-sleeve sponsor. Eminye imizwa noma imicabango ayivumelekile.”

Izinyoni ezintathu, ezinombala ophuzi, obomvu kanye noluhlaza, zikhishiwe kwijezi ngesikhathi iqembu lifake leli jezi okokuqala laphinde lawina ngo- 2-0 ngempelasonto.

Le ngoma yaba iculo leqembu ngesikhathi bedlala umdlalo ne-Cardiff City ngowezi-2008 ngesikhathi abalandeli becelwa ukuba bame ngemuva komdlalo kwase kuthi uDJ wadlala le ngoma abalandeli be-Ajax bayicula nabo le ngoma.

“Kwisizukulwane, akekho umculi oseke wathandwa njengoBob Marley” kusho iqembu kwisitatimende.

“UBob Marley owayengumlandeli webhola obezinikele, futhi njengoba wayaziwa njengomuntu obelithanda kakhulu ibhola kwenza ubumbano nothando lomculo kubalandeli be-Ajax ikakhulukazi ukuzwelana nomndeni wakhe”.

UMarley kuthiwa naye wayeseka isayidi le-Scrottish iqembu le-Celtic FC, kanye nesayidi le-Premier League eqembini le-Tottenham Hotspur FC.

Iqembu le-Ajax lizoqala iligi ngaphandle kophawu lwezinyoni ezintathu njengoba bezodlala nezwe lase-Portuguese elineqembu elibizwa nge-Sporting CP ngoLwesithathu, kanti umdlalo uzoqala ngehora lesishiyagalolunye.

Umthombo wesithombe: @FootyHeadlines

Izihloko zakamuva