Dylan Bettencourt
I-Uefa ikuqinisekisile ukuthi iqembu labesifazane lase-Russia kanjalo namaqembu asekhaya azovinjelwa ukuthi angenele imiqhudelwano yawo.
Ngemuva kokuhlaselwa kwe-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja isigungu esilawula ibhola e-Europe simemezele ukuthi iqembu lesizwe labesilisa lizomiswa.
Ngemuva nje kwezinyanga ezimbili sebekuqinisekisile ukuthi wonke amaqembu ase-Russia awazongenela imiqhudelwano ye-Uefa kuze kuphele isizini ka-2023.
I-Uefa iphinde yaqinisekisa ukuthi izicelo zase-Russia zokusingatha i-Euro ka-2028 noma ka-2032 zizochithwa.
Inhlangano yebhola iveze ukuthi i-Portugal izovala isikhala se-Russia kwi-Euro yabesifazane kulo nyaka. Iqembu labesifazane lase-Russia linqobe iqembu le-Portugal emdlalweni wokuhlungela nokuzibekela indawo kulo mqhudelwano ozoqala ngoNtulikazi.
Leli qembu liphinde lasuswa ohlelweni lokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2023 kanti iqembu labesilisa livinjelwe eNdebeni yoMhlaba yalo nyaka kanye nasemqhudelwaneni we-Nations League yangonyaka ozayo.
Ukuvinjelwa kwamaqembu asekhaya kusho ukuthi alikho iqembu lase-Russia elizoqhudelana kwi-Champions League i-Europa League noma kwi-Conference League ngesizini ezayo.
Iqembu lase-Russia i-Spartak Moscow likhishwe kwi-Europa League kule sizini ngenxa yokuhlasela kanti lokhu kunikeze iqembu lase-German i-RB Leipzig ukunqoba.
Emasontweni ambalwa kuqale ukusebenza kwamasosha e-Ukraine kanti i-Russia ihlekiwe ngemuva kokuthi imemezele intshisekelo yokusingatha ama-Euro ngokuzayo.
I-Uefa ichaze ukuthi lesi sicelo besingafaneleki futhi besingahambisani nemithetho yamabhidi ethi “lowo nalowo ofaka amathenda kufanele aqinisekise ukuthi akenzi ngendlela engafaka i-Uefa nanoma imuphi omunye ofaka amathenda noma inqubo yokubhida ebholeni lase-Europe ehlazweni”.
Ukuvinjelwa kwe-Uefa e-Russia kunwetshiwe ukuze kubhekelelwe imiqhudelwano yabaneminyaka engaphansi kuka-21 ibhola lentsha kanye nemiqhudelwano ye-futsal.
Ukuvinjelwa kwe-Russia emiqhudelwaneni yamaqembu ase-Europe kuzuzise i-Scotland njengoba ophumelele kuleligi ezongena ngqo esigabeni samaqoqo esikhundleni sokungena ohlelweni lokuhlunga.
Abazophuma isibili bazoqala uhlelo lwabo lokuhlunga ngomzuliswano wesithathu hhayi owesibili.
Umthombo wesithombe: @talkSPORT
