Dylan Bettencourt
I-Uefa inhlangano eyengamele ibhola isichithile isicelo samaqembu ase-Britain sokuthi kudalwe iculo lesizwe i-God Save the King eNgilandi ngaphambi kwemidlalo yaphakathi nesonto.
I-Manchester City, i-Chelsea ne-Rangers bacele ukuthi kudlale iculo lesizwe lase-United Kingdom ngemuva kokuthula umzuzu owodwa kuhlonishwa iNdlovukazi yamaNgisi u-Elizabeth II ongasekho kubika i-The Times.
“Angeke abe khona amaculo esizwe,” kusho i-Uefa esitatimendeni.
“Lokhu kwenzelwa ukuthi isimo somdlalo ozodlalwa singashintshi sihlale sikahle.”
Yimidlalo ehlanganisa amaqembu ase-Britain lapho kuzoba nomzuzu owodwa wokugebisa amakhanda futhi kugqokwe amabhande amnyama.
Amaphoyisa ase-Glasgow e-Scotland asetshenziswe emicimbini yombuso kulandela ukushona kweNdlovukazi ngoLwesine olwedlule.
Imidlalo eminingi kulo lonke elase-UK ihlehlisiwe ngenxa yokushoda kwezinsiza zamaphoyisa.
Yonke imidlalo ye-Premier League neye-English Football League ihlehliswe ngempelasonto edlule njengophawu lokuhlonipha iNdlovukazi.
Abalandeli basaqhubeka nokugxeka izinqumo zokuhlehlisa imidlalo njengendlela yokuhlonipha iNdlovukazi.
Umthombo wesithombe: @talkSPORT