I-Two Oceans Marathon ingenye yemijaho ehamba phambili emhlabeni

Lubhalwe nguThathe Msimango

I-Two Oceans Marathon iphinde yaklonyeliswa nge-Gold Label Status iNhlangano yaMazwe ngaMazwe yabaSubathi (i-IAU) esebenza ngaphansi kosizo lwe-World Athletics.

Sekungokwesithathu i-Two Oceans ithola lo mklomelo, ekuqaleni kwaba ngo-2019 kwalandela ngo-2020 njengoba sekumanje ngo-2023.

Ngokudabukisayo lo mjaho wenzeka kanye kuphela ngo-2019 ngaphansi kwe-Gold Status selokhu wakhanselwa ngo-2020 nango-2021 ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19.

Lo mklomelo wethulwa ngo-2008 ukuze kuqinisekiswe ukulingana kwamazinga emijaho emikhulu emhlabeni wonke.

Okuhle kakhulu ekugunyazweni kwe-Gold Label ye-Two Oceans ezayo ehlelelwe impelasonto yomhlaka-15 nomhlaka-16 kuMbasa ukuthi yonke imidlalo esezingeni eliphezulu, amarekhodi ezwekazi kanye namazwe ngamazwe kuzoqashelwa ngokusemthethweni i-IAU kanye ne-World Athletics. 

Lo mklomelo usebenza onyakeni wekhalenda owodwa kuphela futhi ungavuselelwa minyaka yonke. Lezi zindaba ezimnandi zishiye abagqugquzeli balo mjaho oneminyaka engu-53 wasungulwa bejabulile njengoba basebenza ngokuzikhandla ukubuyisela ukwethenjwa emphakathini wezokusubatha ngemuva kokuthi lo mqhudelwano ukhanselwe kabili kulandelana.

Okubalulekile ukuthi i-Two Oceans yize ikhanseliwe ikwazile ukuheha abasubathi abangaphezu kuka-16 000 sebebonke ebangeni lika-21 km nelika-56 km. Bekungokwesibili abantu abaningi bebamba iqhaza ngemuva kwe-Soweto Marathon nyakenye.

Okubambe iqhaza elikhulu ezinqumweni ze-AIU umdlalo owenziwe emjahweni wanyakenye. Emjahweni wabesifazane uGerda Steyn wagijima isikhathi esihle esingu-3:29:24 ephula irekhodi likaFrith van der Merwe (33) lesikhathi esingu-3:30:36.

Ngisho nomsubathi owaphuma isibili u-Irvette van Zyl owagijima isikhathi esingu-3:30:31 ubengaphakathi kwirekhodi lomjaho.

Umjaho wabesilisa nawo awuphoxanga njengoba uke waba ngomunye wemiqhudelwano esondele kakhulu emlandweni.

U-Edndale Belachew wenza ezibukwayo emlenzeni wekhilomitha lokugcina eshiya uNkosikhona Mahlakwana.

Ekugcineni uBelachew wawina umjaho ngesitayela esiyingqophamlando ngesikhathi esingu u-3:09:05 kunoMahlakwana.

Lezi zindaba ziphinde zaletha injabulo kwa-Totalsports njengabaxhasi abakhulu balo mjaho. I-Two Oceans isale izingela ngemuva kokuthi u-Old Mutual ethathe isinqumo sokungasivuseleli isivumelwano sabo sesikhathi eside.

Lezi zindaba zizophinde zikhuthaze abagqugquzeli ukuthi bacabange ukubeka imali eyengeziwe ukuze baqinisekise ukuthi iheha abasubathi abaningi emhlabeni jikelele. Ezweni lapho kunama-ultra-marathon ambalwa kunama-marathon lezi zindaba zithumela umyalezo omuhle kubatshalizimali ukuthi babheke umjaho ngelinye iso.

Esithombeni esingenhla: I-Two Oceans Marathon

Umthombo wesithombe: IWorld Marathons

Izihloko zakamuva