Dylan Bettencourt
I-Twitter isuse i-tweet kuMengameli wase-Nigeria, u-Muhammadu Buhari njengoba yephule omunye wemithetho yabo.
UBuhari akayena umengameli wokuqala ukuthi kumiswe i-akhawunti yakhe ku-Twitter. NgoMasingana kulonyaka, kwamiswa unomphela i-akhawunti yalowo owayengumengameli waseMelika uDonald Trump ngemuva kokufaka ama-tweets ‘ayebhebhezela udlame’.
Le-tweet ebhalwe nguBuhari kuthiwa ibibhebhezela udlame njengoba iphakamisa ukuthi umengameli uzobaphatha labo abangawulaleli umthetho “ngendlela abayiqondayo.”
Uqhubeke wathi kunabantu abazama ukuvukela umbuso ngodlame futhi labo bantu kuzobhekwana nabo ngendlela efanele.
Amanye ama-tweets asusiwe abethi: “Endaweni yezokuphepha, sesiguqule i-Service Chiefs noMhloli-Jikelele, futhi sifuna ukuthi siphakamise ngokuphelele izinselelo esibhekene nazo. Kumele kungabi khona ukubabekezelela bonke labo abazimisele ngokucekela phansi izwe lethu ngokugqugquzela ubugebengu nokuvukela umbuso!”
Abantu base-Igbo abavela eningizimu yempumalanga yezwe bakhala ngokuthi bayandlululwa ngendlela engeyinhle futhi bakhishwa ngokuphelele kunoma yiziphi izikhundla ezibalulekile zikahulumeni.
I-Nigeria ibone ukwanda kokuhlaselwa ngomlilo emahhovisi abo okhetho kanjalo naseziteshini zamaphoyisa okubikwa ukuthi kubulawe izikhulu eziningana.
Le-tweet isuselwa ekuhlaselweni kwezakhiwo zikahulumeni nokuyinto umengameli ayisole kulabo abafuna ukuhlubuka esifundazweni.
UBuhari uthe la maqembu ayafana namaqembu ezikhathi zempi yombango yangowezi-1967-70 esifundeni sase-Biafra lapho kwafa khona abantu abayisigidi.
Lokhu kanye nama-tweets akhe kugwetshwe kabanzi futhi kwephula imithetho ye-Twitter ‘yokuziphatha kabi’. Le nkundla yezokuxhumana inikeze i-akhawunti kamengameli ukumiswa amahora ayi-12.
Umthombo wesithombe: @VoiceofAmerica