I-Tunisia obishini ngaphambi kweyomhlaba

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

I-Tunisia eyawina i-Africa Cup of Nations ngonyaka ka-2004 ibhekene nesinqumo esinzima sokukhishwa koweNdebe Yomhlaba njengoba bezimisele ukuqopha umlando.

Inhlangano eyengamele ibhola i-Fifa ithumele incwadi icela ukucaciselwa ngemibono kaNgqongqoshe wezeMidlalo yentsha ethi uhulumeni uzozihlakaza zonke izinhlangano zebhola.

I-Fifa ibuze ukuthi ngabe lokhu kuphawula kusho ukuthi i-Tunisia Football Federation izohlakazwa nokuyinto ezophula imithetho ye-Fifa mayelana nokugxambukela kukahulumeni.

Nokho njengoba sekusele amasonto amabili ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo, ukumiswa emqhudelwaneni kubonakala kungenakwenzeka.

Kodwa umcabango wesijeziso esingase sibekhona ngemuva kokuphela komqhudelwano singase siphazamise iqembu ngesikhathi lise-Qatar.

I-Tunisia ayikaze ikwazi ukungena esigabeni seNdebe yoMhlaba emidlalweni yayo emihlanu kuze kube manje.

Futhi kulokhu ngeke kube lula njengoba abantu baseNyakatho ne-Afrika bebhekene neqembu elinzima ompetha base-France, i-Denmark ne-Australia.

Umdlalo wokuvula we-Tunisia  abazowudlala ne-Denmark uzonquma ukuphumelela noma ukwehluleka kweqembu uma selidlulela emzuliswaneni olandelayo. Ukuhlula i-Denmark kuzobeka i-Tunisia esicongweni ukuze inyukele esigabeni samaqoqo, kodwa ukuhlulwa kungase kube ukuqala kokuphela kwethemba. 

Umqeqeshi weqembu lesizwe u-Al-Qadri uthe yena neqembu bayakuqonda ukuthi umsebenzi obahlalele angeke ube lula, kodwa bazibekele imigomo ephezulu.

Siyazi ukuthi umsebenzi unzima, kodwa ngiyalethemba iqembu futhi nemigomo yethu mikhulu. Asikho isikhala sokuphelelwa ithemba noma ukudangala,” kusho u-Al-Qadri ngemuva kokuqhathwa kowamanqamu ngoMbasa.

I-Tunisia izobheka kubadlali bayo abadumile u-Youssef Msakni noWahbi Khazri ukuhola ukuhlasela kwesizwe sabo.

UMsakni unethemba lokuthi isipiliyoni sakhe sokudlala kuligi yasekhaya yase-Qatar sizomsiza yena neqembu lakhe ukuthi badlulele esigabeni somkhumulajezi.

Ukaputeni uKhazri ukholelwa ukuthi ezakhe zinakho okudingekayo ukuze ziqophe umlando e-Qatar.

“Singakwazi ukuqhudelana namazwe amakhulu ngomdlalo osuselwe ebholeni. Ukuthi asinabo abadlali abanohlonze kuyasigqugquzela kakhulu. Siyiqembu elinamandla elikwazi ukuqhudelana namazwe amakhulu.”

I-Tunisia izoqala uhambo lwayo lweNdebe yoMhlaba ngomhlaka-22 kuLwezi njengoba izobhekana khona ne-Denmark.

Umthombo wesithombe: @MiddleEastEye

Izihloko zakamuva