I-Tunisia imemezele ukuhoxa kweye-Afcon

Dylan Bettencourt

I-Tunisia imemezele ukuthi icabanga ukungayi kwi-Afcon yangonyaka ozayo ukuze igxile kwiNdebe yoMhlaba ezobe ise-Qatar.

Imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (i-Afcon) bekumele iphothulwe ngoMandulo ngemidlalo emine ebizodlalwe ngoNhlangulana bese kuthi emibili esele idlalwe ngoMandulo.

Kodwa-ke i-Tunisia iveze ukuthi ukuzama ukungena emqhudelwaneni omkhulu kungase kuphazamise amalungiselelo ayo eNdebe yoMhlaba ekupheleni konyaka.

Ngemuva kwesiphakamiso sabo, i-Confederation of African Football (i-Caf) igunyaze izinguquko zokuhlehlisa imidlalo, njengoba  emibili obekumele idlalwe ngoNhlangulana isihlehliselwe ukudlalwa ngoNdasa ozayo.

Ukushintsha uhlelo lwangoNhlangulana ukuze kuvunyelwe imidlalo yobungani emibili kuvumela abadlali ukuthi baphumule kanye nokuthi izinhlelo zihlolwe ukulungiselela iNdebe Yomhlaba.

Amaqembu amahlanu ase-Afrika aya kwiNdebe yoMhlaba azodlala eyokuhlungela i-Afcon ngoMandulo, okuzoba yithuba lawo lokugcina lokuhlaziya ukusebenza kwamaqembu awo ngaphambi kokukhetha iqembu elizodlala kwiNdebe yoMhlaba.

Amaqembu okugcina azodlala kwiNdebe yoMhlaba kufanele amenyezelwe ngomhlaka-14 kuLwezi, kusasele izinsuku eziyisikhombisa kuqale umqhudelwano e-Qatar.

I-Tunisia, i-Ghana, i-Morocco, i-Cameroon kanye ne-Senegal  bazobe benwaya amakhanda ngokulungiselela iNdebe yoMhlaba nokuhlungela ukudlala kwi-Afcon.

UMengameli we-Tunisia Football Federation, uWadie Jary, uthe iqembu lakhe lizimisele ukudela ukuya kwi-Afcon.

“Usamile umbuzo wokuthi siyayingenela yini le-Afcon noma cha, ngoba izophazamisa amalungiselelo ethu eNdebe yoMhlaba,” etshela isiteshi sikamabonakude sase-Tunisia i-Attessia.

“Ngaleso sikhathi kuzovele kuvele umbuzo othi: Ngabe sizoyidela yini i-Afcon yango-2023 noma cha?. Ngiyethemba ukuthi angeke kufike lapho nokuthi sizothola isixazululo ne-Caf.

I-Moroccan Football Association kuthiwa nayo icele i-Caf ukuthi ilungise uhlelo ukuze kube ngcono ukulungiselela iNdebe yoMhlaba, ngokusho kwe-BBC Sport.

I-Afcon yango-2023 izosingathwa i-Ivory Coast ngoNhlangulana nangoNtulikazi, kodwa i-Caf ayikasisayini isivumelwano sokuthi lelizwe lisingathe le midlalo.

Yize isigungu esilawulayo siqinisekisile ukuthi kuzoba nesivumelwano, uNhlangulana noNtulikazi yizinyanga zemvula – okuyisizathu esenze ukuthi umqhudelwano walo nyaka uhlehliselwe uMasingana.

Umthombo wesithombe: @PremiumTimesNigeria

Izihloko zakamuva