Lwazi Nongauza
Ngesikhathi kungcwatshwa uPro Kid eminyakeni emine eyedlule, i-TS Records yazibophezela ekuqinisekiseni ukuthi umndeni walo mrepha awulambi. Lokhu kushiwo yilungu lomndeni kaPro Kid, ogama lakhe langempela kwakungu / nguLinda Mkhize.
Kodwa abe-TS Records sebephumile ebhizinisini kanti umndeni uthi uDJ Sbu noTK Nciza abazifezanga izethembiso zabo.
UDJ Sbu Leope we-TS Records, wathembisa ngaleso sikhathi ukuthi i-TS Records izodlulisa umculo noma amalungelo aphelele okuba ngumnikazi womculo kaPro Kid ukuze inzuzo yomculo wakhe iye ezinganeni zakhe.
Umsunguli we-TS Records uThembinkosi “TK” Nciza uvumile ukuthi yena nozakwabo kwezamabhizinisi uDJ Sbu bafake isandla emzabalazweni wezezimali womndeni kaPro Kid ongasekho.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-Scrolla.Africa, uNciza uthe i-TS Records isakweleta abaculi abaningi okubalwa kubo noPro Kid.
Yize ephikisa izinsolo zokuthi isethembiso esenziwa emngcwabeni besisikhulu kakhulu, akakwazanga ukusho ukuthi i-TS Records engasasebenzi izofeza kanjani izethembiso ehluleke ukuzigcina isasebenza.
Umfowabo omncane kaPro Kid, uSandile Mkhize utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni aweneme ngokuthi uSbu akazange azame ukuxhumana nabo.
“ULinda ubenezingane. Lezo zingane azinakekelwa, njengokuthembisa kwabo,” kusho uSandile.
UPro Kid akuyena kuphela umculi okusolwa ukuthi ukweletwa yi-TS Records. UZahara, uBricks, uBrown Dash kanye noLungelo bangabanye babaculi abathi bakweletwa imali.
Umthombo wesithombe: Mzansi365