I-TS Galaxy iyozicija e-Turkey

Lubhalwe nguLinda Ximba

Yize amanye amaqembu e-PSL azobe edlala imidlalo yobungani nezimbangi ngesikhathi sekhefu yeNdebe yoMhlaba ye-Fifa i-TS Galaxy izobhekisa  amabombo e-Turkey.

Elandela izincomo zomqeqeshi uSead Ramovic umqeqeshi weqembu uTim Sukazi uthe umise konke ukuqinisekisa ukuthi uhambo oluya ekhempini yase-Turkey, e-Antalya luyenzeka.

Iqembu lase-Mpumalanga lizoba se-Turkey kusukela mhla zintathu kuZibandlela kuze kube umhlaka-18.

“Sibe nengxenye yokuqala yesizini enzima kakhulu futhi sidinga ukuzilungiselela kabusha ukuze sibuyele emdlalweni ngamandla. Kubalulekile ukusebenzisa zonke izindlela ezikhona ukucija iqembu,” kusho uSukazi.

Ummeli ohlonishwayo oke wasebenza njenge-ejenti yabadlali abaphambili bakuleli, uthe ukuthatha uhambo lwaphesheya kwezilwandle kuzothuthukisa igama leqembu.

“Ngesikhathi sise-Turkey sizodlala eyobungani ne-UC Sampdoria edlala ku-Seria A nayo emise ikhempu kuloluya hlangothi. Ngemuva kwalokho sizobhekana namaqembu asendaweni i-Fenerbahce i-Galatasaray zombili izinhlangothi eziphezulu ku-Super Lig. La maqembu azosinika umqhudelwano odingeka kakhulu futhi kungale ndlela esizokala ngayo ukulungela kwethu umlenze wesibili ekhaya.

“Yebo abadlali kufanele basebenzise le midlalo yobungani ukuze bazimakethe,” kusho uSukazi.

Ngesikhathi kuyiwa ekhefini iTS Galaxy ibilele endaweni ka-12 ngamaphuzu angu-13 emidlalweni engu-12.

Bakwisizini yabo yesibili esigabeni esiphezulu futhi ngo-2019 bamangaze abalandeli bebhola bethela iKaizer Chiefs induku ngegoli elilodwa eqandeni ukuze banqobe i-Nedbank Cup.

Isithombe esingenhla eseTS Galaxy igubha ukunqoba kwi-Nedbank Cup

Umthombo wesithombe: Gallo Images

Izihloko zakamuva