Lubhalwe Intatheli yoMbele
Emva kokuthi iS&P Global yehlise indlela iTransnet ekleliswe ngayo uma iboleka imali, uhulumeni uyinike uR94.8 billion, ozoyisiza ukukhokhela izikweletu.
Ngesonto elidlule isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusi Mavuso sizwakalise ukukhathazeka ngesinqumo seS&P sathi sitshengisa ukubheda kwesimo sezimali eTransnet nobuholi obungaqinile kahle.
Umkhulumeli womNyango wokuThutha uMnu uCollen Msibi uthe uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi iTransnet inoR48.6bn ozoyisiza ukukhokhela izikweletu zayo eminyakeni emihlanu ezayo.
Loku uthe kulandela ukuthi uhulumeni ubone ukuthi kufanele le nkampani yakhe ihlale inemali eyanele ukuze ingabukwa kabi yizinhlangano ezibolekisa ngemali emhlabeni jikelele.
Lolu daba luqale lwashicilelwa kuMbele, iziko lezindaba zamabhizinisi.
Esithombeni esingenhla:I-Transnet izowusebenzisa ukukhokhela izikweletu nokulungisa ingqalasizinda uR94.8bn ewunikwe wuhulumeni.
Isithombe: Sithunyelwe
https://www.umbele.co.za/2025/07/30/i-transnet-itakulwe-wuhulumeni-ngor94-8bn/
